Inzima impilo kwabadilikelwe umuzi

2020-01-22 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makHANYAUMnu Thabiso Mtolo noNkk Nompumelelo Majola bemi ngaphandle kwendlu yabo edilikile.

ISITHOMBE: lethiwe makHANYAUMnu Thabiso Mtolo noNkk Nompumelelo Majola bemi ngaphandle kwendlu yabo edilikile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INZIMA impilo kwizaguga zasendaweni yaseWillowfontein ezingenayo indawo yokuhlala njengoba indlu ebebehlala kuyo yodaka idilizwe imvula.

UNkk Nompumelelo Majola kanye noMnu Thabiso Mtolo bebehlala endlini enegumbi elilodwa nezingane zabo kanye nabazukulu.

Indlu yalo mndeni idilizwe imvula ngenyanga kaZibandlela (December) ngonyaka odlule kanti kumanje uhlala egumbini elilodwa lapho uncikiswe khona umakhelwane.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Mtolo uthe akekho osebenzayo kwakhe kanti uNkk Majola yena akakwazi ngisho ukuthola isibonelelo sikahulumeni njengoba engenawo umazisi.

“Impilo inzima siphila ngokubamba amatoho emizini yabantu ukuthi sibacentele nakhona ayikho imali etheni esiyitholayo. Kwesinye isikhathi uthola u-R10 ngomsebenzi owenzile kodwa ayikaze idlule ngisho ku-R30.

“Ukuze sikwazi ukulala sidlile sekusiza amalunga omphakathi asilethela ukudla,” kubeka yena.

UMnu Mtolo uthe isifiso sabo ukuthi bathole uxhaso lwendlu noma kungathiwa inamagumbi amabili nje kuphela ukuze bezokwazi ukufihla amakhanda.

“Uma singathola noma indlu yomxhaso kahulumeni akulutho noma uma ngabe kukhona umuntu ongakwazi ukuthi asisize alule isandla singakujabulela lokho,” kubeka yena.

Ilunga lomphakathi, uMbongiseni Dlomo, uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi balubika lolu daba ekhanseleni lendawo uMnu Thabiso Molefe ingakawi indlu kodwa akazange aphendule.

“Ikhansela ngalithumelela umya-lezo kanye nezithombe ngilazisa ukuthi indlu izowa laba bantu badinga usizo kodwa lavele lafunda umyalezo wami lazithulela alizange liphendule.

“Ngaphambi kokuba indlu iwe singumphakathi besikwazi ukuthi sibalethele ukudla ukuthi bapheke ngoba bekukhona nesitofu kodwa manje kunzima ngoba abanalutho. Kuyaphoqa ukuthi uma ngabe ubalethela ukudla ufike nako sekuphekiwe. Akuyona indlela yokuphila kwabantu lena ikakhulukazi abantu abadala siyafisa ukuthi bathole usizo ngokushesha,” kubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Molefe livumile ukuthi lawuthola umyalezo kodwa langawuphendula.

“Kwaba yiphutha ukuthi ngingawuphenduli umyalezo engangiwuthunyeliwe kodwa udaba ngalubika kwabezezinhlekelele.

“Kwaba yiphutha futhi ukuthi ngingabe ngisasho ukuthi udaba ngilubikile,” kubeka yena.

UMnu Molefe akaphumelanga obala uma ngabe ebuzwa ukuthi kungabe useke waya yini ukuyohlola isimo salezi zaguga selokhu umphakathi wamubikela ngenkinga.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.