Iphenduliwe imithandazo yesaguga(100) esidinga indlu

2019-09-18 06:00
Kungesikhathi obeyimeya yomasipala uMsunduzi, uMnu Themba Njilo(kwesobunxele) nekhansela lendawo uNks Sbongile Mkhize(owokuqala kwesokudla) bevakashele uNkk Greta Sithole.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Kungesikhathi obeyimeya yomasipala uMsunduzi, uMnu Themba Njilo(kwesobunxele) nekhansela lendawo uNks Sbongile Mkhize(owokuqala kwesokudla) bevakashele uNkk Greta Sithole.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BEKUYINJABULO yodwa kugogo oseneminyaka eli-100 ubudala wasendaweni yaKwaPata ngesikhathi evakashelwe ilowo obeyimeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo ngoLwesine olwedlule mhlaka-5 kuMandulo (September).

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba iphephandaba i-Echo yabika udaba ngosizi luka Nkk Greta Sithole ephephandabeni lango mhla zingama-29 kuNcwaba (August), nalapho kade ekhala khona ngendlu ahlala kuyona ecela usizo kunoma ubani ongase amsize ukuba athole indlu esezingeni eligculisayo.

UMnu Njilo ube esevakashela lesi saguga ehambisana nekhansela elibambile lakule ndawo uNkk Sbongile Mkhize ngemuva kokufunda udaba. UMnu Njilo ufike ephathele lesi saguga ukudla kanti usethembise ukuthi uzosakhela indlu ungakapheli lo nyaka.

Ekhuluma ne-Echo, uNjilo uthe ukwenza loku ngaphansi kwenhlangano yakhe iThemba Njilo Foundation.

Uthe: “Ngemuva kokubona udaba lukagogo inhliziyo yami yadabuka kakhulu. Uma ngabe kukhona izinto ezifana nalezi emphakathini ngiyathinteka ikakhulukazi uma ngabe kuthinta nomuntu omdala kangaka.

“Nginezinhlelo eziningi engizenzayo kodwa yena ngizozama ukuthi ngimufake phambili ukuze kuzoshaya isikhathi sikakhisimusi esehleli endlini yakhe engcono kunalena ahleli kuyona. Akuseyona indlu lena ekungathiwa kufanele ihlale umuntu omdala ngoba sekuyinto engawa nanoma inini,” kubeka yena.

UMnu Njilo uthe uzoqala alethe impahla yokwakha kulo muzi kuyona lenyanga. Uphinde wathembisa ukuthi sekuzoba umsebenzi wakhe ukuthi ajwayele njalo ukuhlale ephosa iso, aphinde abheke ukuthi uNkk Sithole usahleli kahle yini. Ube esenxenxa nanoma ngubani ongathanda ukufaka isandla ukuze uhlelo lokwakhiwa kwendlu kagogo lusheshe, ukuba aphumele obala ukuze kuzobanjiswana.

UNkk Sithole ubonge wanconcoza ethi akazi ukuthi uyophinde abonge kanjani.

“Into eseyingisalele nje ukuthi ngibe nendlu nami. Angathi ngiyaphupha ukuthi nami sengizothola indlu esezingeni elikulungele ukuhlala umuntu. Ngiyabonga kakhulu,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.