Iphoyisa lidubule umyeni lazidubula nalo

2020-04-01 06:03
ISITHOMBE: facebookUConstable Nelisiwe Ngubane nalowo obezoba umyeni wakhe uSandile Gabuza.

ISITHOMBE: facebookUConstable Nelisiwe Ngubane nalowo obezoba umyeni wakhe uSandile Gabuza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAMANJE akukacaci ukuthi kungabe yini eholele ekutheni iphoyisa lesifazane lidubule libulale lowo obezoba umyeni lase liyazidubula nalo.

UConstable Nelisiwe Ngubane (23) nobeyiphoyisa kanye noSandile Gabuza (30) obengumshayeli wetekisi batholwe bedindilize ngaphandle kwendlu akade behlala kuyona endaweni yase Sweetwaters.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu mhla zingama-20 kuNdasa (March) ngezikhathi zasekuseni.

UNgubane ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda kanti uGabuza yena ubenenxeba lokudutshulwa emhlane.

Lezi zithandane ebesezithembisene umshado kuthiwa bezihlala endlini engaphandle kubokaGabuza.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo osondelene nalesi sigameko nongomunye wabazifikele qathatha endaweni yesigameko, uthe kusolwa ukuthi uNgubane kanye noGabuza babe nengxabano ngaphakathi endlini uGabuza wabe eseyaphuma, uNgubane wamlandela wabe eseyamdubula naye wabe eseyamdubula ekhanda.

Kuthiwa elinye ilunga lomndeni wakaGabuza lizwe kuqhuma isibhamu labe selihlaba umkhosi.

“Isidumbu sikaSandile sitholwe bude buduze nalapho kade kulele khona uNelly. USandile yena ubeseshonile. UNelly ubuchopho bebusakazeke phansi kodwa yena ubesaphila base bamthatha bamufaka emotweni bamuphuthumisa esibhedlela i-Edendale nokuyilapho efike washonela khona. Kusolwa ukuthi uSandile njengoba kade ephuma ingoba ubethi uya endlini enkulu lona wesifazane wabe eseyamulandela ke wamdubula naye wazidubula ngaphambi kwegalaji. Isibhamu somsebenzi sikaNelly nokuyisona esisetshenzisiwe kulesi sigameko sitholakale khona endaweni yesigameko,” kubeka umthombo.

Uqhube wathi basadidekile ukuthi yini lena eholele ekutheni kuze kuphume izidumbu ngoba bebethandana.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u Sergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa avuke i-inquest kanye necala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.