Iqembu le-Kaizer Chiefs libheka umqeqeshi omusha

2018-07-11 06:00
Iqembu lebhola lezinyawo le-Kaizer Chiefs.ISiTHOMBE: internet

Iqembu lebhola lezinyawo le-Kaizer Chiefs.ISiTHOMBE: internet

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKUKAZE nje kuvele kushunqe intuthu umlilo ungekho, futhi awekho amahlebezi ake aqale nje kungekho okuzokwenzeka.

Isikhathi esiningi akukaze nje kubonakale izintuthane zilandelana kungekho ezikudlayo noma ezikuthuthayo.

Kulezinsuku akekho umlandeli webhola ongafuni ukuqonda noma ukwazi ukuthi kahle kahle kwenzekani ngoStuart Baxter oqeqesha iBafana Bafana?.

Omunye umbuzo olukhu uhlupha abalandeli ukuzibuza ukuthi kaze ubani ozoqeqesha iKaizer Chiefs kulesizini? Amahebezi alokhu ekhomba uBaxter azwakala njalo futhi athanda ukuqina.

Kuningi nokulokhu kuvela noma kuqagulwa ezithangameni ezahlukene zokuxhumana.

Izikhulu zaMakhosi zona zisazithulele futhi azifuni ukuphawula ngaloludaba, kodwa ziyavuma ukuthi zisahlwaya umqeqeshi omusha ngengoba phela uSteve Komphela wagcina eshiyile ngesizini edlule.

Okunye okulokhu kuvela ukuthi kungenzeka kubuyele uDoctor Khumalo kwi-Chiefs njengomsizi ozoqashwa njengomqeqeshi weqembu.

Phela lenkalakatha endala isanda kushiya kwi-Baroka FC nalapho ekade esebenza njengosomaqhinga.

Isikhulu se-Kaizer Chiefs uMnuz Bobby Motaung sithe:“Engingakusho nje okwamanje ukuthi sisalokhu siqhubekile nokubheka umqeqeshi weqembu. Akusekude ukuthi simemezele ozoqeqesha eqenjini ngesizini ezayo, ngoba ukucutshungulwa kwabakade befake izicelo sekuzosongwa.”

Enyangeni edlule Amakhosi atshengise izwe lonke ukuthi bazimisele ukushaya kwasani ngesikhathi besayinisa uKhama Billiat nokade eyisithandwa seMamelodi Sundowns.

Abanye abadlali abasayiniswe yiKhosi kubalwa uLetlhogonolo Mirwa no-Andriamirado Andrianarimanana.

UMirwa uqhamuka eqenjini elidlala kwi-ABC Motsepe League iBuya Msuthu FC kanti uAndrianarimanana uvela kwiFosa Juniors FC yase Madagascar.

Omunye obonakale esethushuka eNaturena owayengunozinti weMaritzburg United nogcine esekwiBaroka FC uVirgil Vries wase Namibia.

Ezivela esitebeleni se-Orlando Pirates zithi leliqembu lizama ngakho konke ukunciphisa isikwati sabo esingama-45.

Kubikwa ukuthi izikhulu ze-BhakaBhaka zithi lleli qembu likhulu kakhulu futhi lidinga ukuncishiswa.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.