Iqembu le-kwaito nomculo omusha

2020-02-19 06:02

IQEMBU lomculo we-Kwaito elaziwa ngokuthi uWalker noBusted likhuza ibuya endimeni yezomculo ngemuva kokuthatha ikhefu.

Leli qembu laseMbali Unit 13 elinamalunga amabili okunguSfundo Ngcobo [Walker] (25) kanye noNkosikhona Memela [Busted] (28), lizokhipha i-Extended Play yabo yokuqala esihloko esithi Walker noBusted Volume 1.

Ngokusho kuka Ngcobo le-EP inezingoma eziyisithupha (6) kanti kuzona kukhona ngisho ezokholo kanye nezingoma zothando .

“Uma ngabe senza umculo inhloso yethu kusuke kungukujabulisa abantu kodwa senza isiqiniseko sokuthi ekubajabuliseni kwethu kukhona umyalezo esiwushiyayo oyisifundo nozoshintsha impilo yomuntu. Sinethemba lokuthi abantu bazowujabulela kakhulu lomculo esizobapha wona ngoba sisebenze ngokukhulu ukuzikhandla,” kubeka yena.

Uqhube wathi ngemuva kokukhipha le-EP bazobe sebenza umcimbi wokuyethula ngokusemthethweni bese behamba beyikhangisa kusona isifundazwe saKwaZulu-Natal.

“Sifuna ukuthi umculo wethu ukhule uze uphumele ngaphandle kwaseMgungundlovu , kodwa sizoqala sikhangise ngawo khona lapha ngaphambi kokuba siphumele ngaphandle. Sifuna ukuthi umculo wethu waziwe ukhule ukuze nathi sizokwazi ukuthi ngelinye ilanga senze umculo nabacauli abakhulu.” UNgcobo uthe wahlangana noMemela ngesikhathi besasesikoleni.

“UBusted ubesevele esendimeni yomculo kanti ubesenayo nengoma akade eseyikhiphile. Mina bengisanalo uthando lokungena endimeni yezomculo kodwa bengingazi ukuthi ngizoqala kanjani. ubeloku engilalelisa ingoma yakhe ngabe sengiyamcela ukuthi angise kumuntu ongangisiza nami ngikwazi ukungena endimeni yomculo. Ngesikhathi siqala ubengumuntu engimupikile nje engomeni yami kwathi uma sengikhipha eyesibili ngaphinda ngamupika sabe sesinquma ukuthi sivele sibe iqembu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.