ISafa ithi uMashaba usengumqeqeshi

2016-09-21 06:00

KUYIQINISO ukuthi imiphumela engagculisi nokwehluleka kweBafana Bafana ukuya kwi African Cup of Nation eGabon ngo 2017 nokwehluleka ukudla iMauritania ekhaya ibe ishoda kuyicikile impela iSafa.

Kanti kuthiwa emahhovisi eSafa aseNasrec eFNB Stadium, obasi nosomaqhuzu bashayisana ngamakhanda futhi bayaveva ukudinwa ngendlela izinto ezihamba ngayo eqenjini elikhulu lesizwe, kodwa iqiniso lithi asikho isinqumo esisathathiwe ngekusasa lakhe.

Noma iningi labezindaba sebemgwebile uEphraim “Shakes”Mashaba baze bathi akusensuku zingaki ibhantshi lakhe ligcwale umoya, kodwa iSafa ithi asikho isinqumo esesithathiwe ngaye.Isikhulu esingomunye wobasi kwiSafa uDennis Mumble oyi Chief Executive Officer (CEO) uthi akulona iqiniso ukuthi uMongameli weSafa uDanny Jordaan uthe akusekude ukuthi uMashaba akhonjwe eza ngayo.

“Sonke siyavuma ukuthi akekho onamele imiphumela esisanda kuyibona kwiBafana Bafana. Cishe wonke uMzansi uphatheke kabi ngendlela izinto ezihamba ngayo, kodwa akekho othe uMashaba usexoshiwe.

“Kufanele izwe likhumbule ukuthi umqeqeshi unenkontileka neSafa futhi-ke konke kufanelwe kulandelwe ngomthetho,”kusho uMumble.

UMumble uthe akulungile ukuthi abantu noma abacosheli bezindaba bathi uJordaan usikaze ukuxosha uMashaba.

NgoLwesihlanu olwedlule eMbombela Stadium ezikaMashaba zahluleka zaze zancama ukudla izivakashi noma sezishoda.

Emva kwaloyomdlalo nangaphambi kweMandela Challenge uMashaba uthe uyacela ukuthi angalokhu etshelwa ngokuvela emaphephandabeni ngoba akawafundi. “Ngiyacela keningixege ngokushowo abamaphepha ngami, futhi-ke mina angisawafundi amaphephandaba,”kusho uMashaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.