Isaguga sicela ukulungiselwa indlu

2018-02-28 06:00

SESILALA obenyoni isalukwazi esigade indlu yaso engekho esimweni esihle ukuthi ingawi kwaNomnganga kwaSwayimane.

UNkk Bongekile Khumalo (82) uthe izinkinga zaqala ngo-2000 ngesikhathi kufika abantu bemba inkwali emzini wakhe ayehlala kuwona eNgobhiyane khona kaSwayimane.

Uthe ngemuva kokuba esebonile ukuthi sekunemigodi eyingozi wabe esenquma ukuthutha ayokwakha kwaNomnganga.

Uthe: “Ngafike ngakha indlu yami yodaka eyayinama gumbi amahlanu kwahamba isikhathi yawa.

UMnyango wezeZindlu eMgungundlovu wathi angiyiyeke ngingayilungisi bazo ngakhela indlu entsha njengoba ngasuswa emzini wami engangihlala kuwona kudala.

“Nakhona ukuze bayakhe indlu kwadingeka ukuba ngibalandelele iminyaka.

Bangakhela indlu enamagumbi amathathu nengathi ngisanda kuqala ukuhlala kuyona ngo-2012 ngathola ukuthi iyavuza.

Selokhu ngaqala ukuhlala kuyona ingena imvula futhi akekho ongisizayo,” kusho yena.

Uqhube wathi ngendlela isimo esesisibi ngayo useze waphoqeleka ukuba ahambise abanye abazukulu bakhe akade ehlala nabo ngoba esabele ukuthi indlu izowa ibamboze bonke.

“Le ndlu ingawa noma inini isimboze sonke.

Sengilala ngingalele ngisabela abazukulu bami abane esengisele nabo.

Amapulangwe aphezulu ophahleli nawo ayabola ngenxa yemvula.

“Ngizamile ukuxhumana nekhansela izikhathi eziningi ngilicela ukuba lizobona isimo engihlala kuso kodwa alikaze lifika.

“Lagcina ngokuthi lingaziphenduli izingcingo nami ngagcina sengiyeka ngoba ngisaba ukuthi ngizogcina sengiyicefe.”

UNkk Khumalo uthi usehambe waze waba mfishane eMnyangweni wezeZindlu kodwa bagcine sebemutshela ukuthi angasalubhadi emahhovisi abo uma kungukuthi uzomabikela ngodaba lwakhe lwendlu.

“Sengicela noma ubani ongangisiza nje ngibe nendlu efanele ukuhlala umuntu. Ngabe ngiyazenzela inkinga wukuthi sengimdala anginamuntu, anginazo nezingane zabafana kanti nalezi zamantombazane enginazo azisebenzi.

“Sekuze kwangiphoqa ukuthi ngithuthe izimpahla ngizifake egumbini elilodwa ngoba ziyanethwa.

“Angazi ukuthi leyandlu bayakha kanjani. Angifuni abazukulu bami bafele kuleyandlu ngoba ngelinye ilanga iyovele iwe isemboze sonke,” kusho uNkk Khumalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.