Isaguga sikhala ngokungayitholi indlu yomxhaso

2018-11-21 06:02
Indlu lapho kuhlala khona uNkk Mkhize.IsiTHOMBE: lethiwe makhanya

Indlu lapho kuhlala khona uNkk Mkhize.IsiTHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA saKwaMpumuza sithi asisazi ukuthi kumele senzenjani ukuze sizokwazi ukuthi sithole indlu yomxhaso kahulumeni.

UNkk Phumaphi Mkhize (73) uthi sekuphele iminyaka abhalisela indlu yomxhaso kodwa akayitholi kuze kube yimanje. Uthi okumphatha kabi kakhulu ukuthi abantu abhalisa kanye nabo bona sekuneminyaka bazithola ezabo izindlu kanti abanye ababhalisa ngemuva kwakhe nabo sebazithola ezabo izindlu.

“Kumanje ngihlala endlini yodaka enama gumbi amabili enothayela abasekelwe ngamatshe abangawa noma yinini. Le ndlu engihlala kuyona yayinamagumbi ali-11 kudala kodwa ilokhu iwa ngizama ukuyilungisa kwaze kwaba nami sengiphelelwa amandla sengiba mdala angisakwazi ukubhanda.

“Ngabhalisa kwaze kwaba ikabili kulaba abakha izindlu baka-Vulindlela Develeopment Project (VDA) kodwa namanje anginayo indlu. Banginikeza inombolo yendlu okukhombisa ukuthi isicelo sa mi saphumelela kodwa abangakheli. Njalo bahleli befika bengitshela ukuthi angilinde ngizoyithola indlu kodwa ngiyabona ukuthi bangilindise into engekho engayi ndawo. ,” kubeka yena.

UNkk Mkhize uthe impilo inzima njengoba ehlala nomzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa ubudala kanti futhi baphila ngemali yempesheni.

“Into engiyicelayo ukuthi nami ngakhelwe indlu ngoba kade ngayibhalisela nganikezwa nenamba. Akuphephile ukuhlala kule ndlu engihlala kuyona njengoba amatshe lawa abambe othayela phezulu ake awa abulala impahla endlini ngaphakathi.

Manje sisabela izimpilo zethu ukuthi angahle awe ashaye thina ngokulandelayo. Uma ngingathola indlu ngingakwazi ukuqhubeka ngiziphilise mina nomzukulu wami ngale mali yempesheni engiyitholayo ngoba iyasenelisa thina sobabili.”

I-Echo iphinde yathola ngamanye amalunga omphakathi ukuthi kukhona abanye abantu abazigwazela lezi zindlu.

Okhulumela u-VDA uMnu Bhoyo Kunene

uthe abasebenzi baka-VDA baloku beshaqekile njengoba sekunesikhathi bezama ukuxazulula udaba lukagogo. Uthe inkinga akusiyona indaba yenombolo yendlu kodwa kunzima ukuthola indawo yakhe njengoba kumele uqale ungene kweziye izindawo zabantu ngaphambi kokuthi ufike kuyena.

“Siyaxoxisana nabanikazi bezindawo ezithintekayo lapho kungatholakala khona indaba kagogo kantio lezi zingxoxo sezinesikhathi ziqalile. Sinethemba elikhulu ukuthi sizothola ukuluxazulula lolu daba ngokuthula,” kubeka yena.

Ephendula ngodaba lwezindlu okusolwa ukuthi zidayiswa uthe sebeke bawezwa amahebezi kodwa abukho ubufakazi asebeke bakuthola wabe ese nxusa noma ubani ongahle abe nolwazi ngaloku ukuba aphumele obala. Uthe uhlelo lwezindlu luyaqhubeka kanti kulindeleke ukuba luphothulwe ekupheleni konyaka ozayo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.