Isalukwazi silunywe izinja saze sashona

2019-02-13 06:01
UNkk Philline Dlomo utholakale edindilizile eseshonile endleleni eya ngasekhaya lakhe.PHOTO: sithunyelwe

UNkk Philline Dlomo utholakale edindilizile eseshonile endleleni eya ngasekhaya lakhe.PHOTO: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaDlomo endaweni yaseSweetwaters eMpushini uthi usathukile futhi usashaqekile ngemuva kwesigameko sokulunywa izinja kukagogo wabo waze washona.

UNkk Philline Dlomo (83) utholakale edindilizile eseshonile endleleni eya ngasekhaya lakhe ngeSonto ekuseni mhlaka-3 kuNhlangulana (February) kanti ubenamanxeba okulunywa yizinja zakamakhelwane ezingaphezu kweshumi.

UNkk Dlomo kuthiwa watholwa umnikazi wezinja ezamluma ngeSonto ekuseni kanti kusolwa ukuthi zamhlasela ngoMgqibelo ebusuku.

UMnu Jabulani Dlomo noyilunga lo mndeni uthe abanalo ulwazi lokuthi kungabe ugogo wayephumaphi ngesikhathi ehlelwa ilo mshophi.

Ekhuluma ne-Echo ekhaya lakhe uthe yena wafonelwa esinye sezihlobo ngeSonto ngehora lesine ekuseni kuthiwa akazobona ugogo uselimele.

“Ngamufica eseshonile izinja zimudle yonke indawo. Izinwele zazingekho ekhanda nje kwase kusele amathambo kuphela kanti namathumbu akhe nawo ayengaphandle, nasemilenzeni wayemanxebanxeba. Sibuhlungu kakhulu siwumndeni kangangokuba asikwazi ngisho ukulala ebusuku ngenxa yento esayibona. Okubuhlungu kakhulu kuthiwa lezi zinja kade zabaqala abantu zibaluma kwaze kwafika ekutheni ziluma ugogo waze washona ke yena. Kumanje kukhona abantu abasahamba umtholampilo kulandela ukulunywa kwabo ilezi zinja,” kubeka yena.

Uthe okubuhulungu kakhulu ukuthi nalapho kufuywe khona lezi zinja akubiyiwe nokweza kube lula kakhulu ukuthi zilume abantu abazidlulela ngendlela.

“Ugogo ubengumuntu wamahlaya obethanda ukuhlekisa abantu. Ubebathanda abantu kanti futhi ubezithanda nezingane efuna ukuthi abantu bahleli bejabulile njalo. Sibuhlungu kakhulu ngale nto eyenzekile silahlekelwe siwumndeni,” kubeka yena.

UMnu Dlomo nobebukeka edabukile uveze ukuthi seloku kwenzeka lesi sigameko umnikazi wezinja akakaze eze kubona njengomndeni azobabona njengoba izinja zakhe zikhiphe isidumbu emndenini.

“Into esiyifunayo nje ukuthi umnikazi wezinja afike kuthina njengomndeni sizokhuluma. Sifisa nokuthi namaphoyisa nawo kube khona akwenzayo ngoba asikhululekile ngenxa yalezi zinja.”

I-Echo ithole ukuthi lezi zinja ziyingozi emphakathini kangangokuba abantu besexwayiswa ukuthi abangahambi ngendlela eseduze kwalapho zifuywe khona. Ngesonto eledlule kuthiwa zilume abantu abathathu okubalwa khona nogogo lona oshonile.

UMnu Vusi Ndlovu (44) ohlala kuyona kulendawo naye ube isisulu sokulunywa ilezi zionja ngoLwesine olwedlule mhla zingama-31 kuMasingana (January). Uthe yena wayephuma esitolo ngesikhathi ehlelwa umshophhi.

“Ngangisendleleni eya ekhaya ngiphuma esitolo ebusuku sengiya ekhaya. Kwaqala kwaqhamuka ezimbili ngathi ngizama ukucosha itshe ngiyazishaya ngavele ngawa ngesikhathi ngizama ukubaleka zavele zaqhamuka zaba ziningi zazithi azibe ngama-20 zagibela phezu kwami zangiluma. Namanje nginesibazi ngenhla kwesinqa kanye nasemlenzeni. Ngahamba ngaya emtholampilo ngafika ngajova ngabe sengithola nemithi.

“Ngesikhathi ngizwa ukuthi ugogo Dlomo zimlume washona ngivele ngashaywa uvalo ngethuka ngoba ngicabanga ukuthi hlampe loko ngabe kwenzeke kumina ngesikhathi zingiluma . Ziyingozi lezi zinja. Abantu abaningi abasahambi kulendlela ngoba siyazama ukubaxwayisa ngobungozi bazo,” kubeka yena.

Ugogo Thembe Ndlovu (65) uthe lezi zinja naye zamuluma ngonyaka owedlule walimala esifubeni ngenhla kwebele kanye nasemlenzeni.

“Ngaya emtholampilo ngiyothola usizo nalapho engafica khona omunye naye owayekhala ngokuthi zimulume ngayizolo yena. Angisahambi nje ngalendlela ezihlala ngakuyona ngoba ngiyesaba sengashintsha indlela,” Kubeka yena.

UNks Diya Maharaj wakwa-SPCA uthe bazilandile izinja eziyisishiyagalolunye (9) kwezili-15 kulomuzi kanti bazobuya bayolanda zonke lezi ezinye ezisele.

“Into esiyibonile ngalezi zinja ukuthi zinolaka ngendlela eyisimanga zivele zifune ukukuhlasela. Asinayo enye indlela kodwa kuzosiphoqa ukuba sizibulale. Lezi ezisele simucelelile umnikazi wazo ukuba azivalele ukuze sizokwazi ukuthi sizithathe kalula uma sesifika,” kubeka uNks Maharaj.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe bavule idokodo lokushona komuntu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.