Isasasa kubafundi emncintiswaneni wamagama e-City Hall

2019-10-23 06:01

UMTAPOWOLWAZI uMsunduzi ngokuhlanganyela nenhlangano engenzinzuzo i-Arise and Shine babambe umncintiswano wokubiza amagama nowaziwa ngokuthi i-Spelling Bee Competition.

Lo mncintiswano ububanjelwe e-City Hall ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-11 kuMfumfu (October).

Izikole ezili-16 eziphuma ezindaweni ezahlukene eziqhamuka emagatsheni aseNingizimu, beziyingxenye yalomncintiswano.

Abadle umhlanganiso kulomcintiswano endaweni yesithathiu uNoluthando Ngubane waseSinamuva Primary, endaweni yesibili Asanda Mthalane wase-Grange Primary bese kuthi ophume phambili uSiphumelele Zondi waseSigodini Primary.

UMphathi wemitapoyolwazi yonke engaphansi kukaMasipala uMsunduzi uMnu Mandla Ntombela uthe lolu hlelo baluqala ngonyaka wezi-2012. Uthe ngaphambilini beluhleli lwenzeka emitapweniyolwazi eyahlukene beyingakaze ihlanganyele yonke ndawonye.

“Ngalolu hlelo sizama ukwelekelela izingane ukuba zikwazi ukubiza kahle amagama ngendlela efanele.

“Njengoba sikhethe lezi zindawo asizogcina lapho kuphela kodwa sifuna ukuthi lonke idolobha linxuse likhuthaze lolu hlelo. Sifuna ukuthi likhule ngalendlela yokuthi ligcine selisezingeni lesifundazwe,” kubeka yena.

UMfundi Dlamini we-Arise and Shine uthe sekungunyaka wesithathu lona besebenzisana nomtapowolwazi waseMsunduzi kulolu hlelo.

“Sifuna ukwelekelela izingane ukuthi zikwazi ukufunda, sikwazi nokuziqhenya nokuzethemba futhi uma ngabe zifunda.

“Sifuna ukunikeza izingane zethu ithuba esingazange silithole thina ngesikhathi sisakhula,” kubeka yena.

Uthe ngonyaka ozayo bafisa ukuthi lolu kube uhlelo lukazwelonke.

“Sifuna ukuthi kugqugquzeleke othisha, izingane kanye nomphakathi imbala. Lokhu futhi kuzosiza ekutheni izingane kube khona izinto ezinimatasa ngayo ukuze zingeke zize zizibandakanye ezintweni ezingalungile ezifana nezidakamizwa.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.