Isihluku kuqothwa abangani ngenhlamvu

2019-06-12 06:00

USUKU lwenjabulo lwabagani luphele kudindileze izidumbu endaweni yaseTaylors Halt ngoLwesithathu olwedlule ebusuku mhla zingama-30 kuNhlaba (May).

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kudutshulwe endaweni yaseTaylors uMnu Mncedisi Zulu, wakuyona lendawo kanye noLindo Basi wasendaweni yaseShowe.

Ngokuthola kwe-Echo ngomunye owayekhona ngesikhathi kwenzeka lesigameko kodwa yena wasinda, nongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe, uthe babehleli endlini lapho kwakuhlala kuyona uMnu Zulu. Uthe bekuyinto abayijwayele vele ukuthi bahlanganele kule ndlu uma ngabe bezihlalele njengabangani. “Bekuwusuku nje olwejwayelekile olufana nezinye sijabulile sihleli sonke ngesikhathi sizwa umuntu wesifazane engqongqoza emnyango. Sabuza ukuthi ubani lowo wathi kukhona abantu abafuna uMnce [Mncedisi Zulu], wabe esesukuma uMnce eyovula umnyango.

“Ngesikhathi sonke sibheke emnyango sifuna ukubona ukuthi kungabe obani laba abafuna uMnce ebusuku, kwavele kwagulukudela abesilisa ababili bathatha intombazane bayidonsa bayikhiphela emnyango. Ayikho into abayikhuluma bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena uMnce kwaze kwaba uyawa bemudubula ngisho eselele phansi,” kuchaza yena.

Uthe ngesikhathi kwenzeka sonke lesi sigameko yena kanye nabanye abangani bakhe babekhona bebuka ingekho into abazoyenza, kanti abanye bazama ukuphuma ngamawindi, abanye bacasha ngaphansi kombhede.

UMnu Basi yena kuthi wadutshulwa esethi uyabaleka ngemuva kokuba ephume ngaphansi kombhede lapho ayecashe khona.

“Badubula kwaze kwaba kuphela izinhlamvu bakhipha ezinye bazifaka nokuyilapho ke mina engathola khona ithuba lokuthi nami ngikwazi ukubaleka ngesikhathi besafaka ezinye izinhlamvu.

“Angikaze ngiyibone into enjeya, namanje ngisathukile. Njalo uma ngicabanga indlela engisinde ngayo kuvele kube sengathi ngiyaphupha kukhona umuntu osazongivusa athi ngiyaphupha. Sisadidekile ukuthi kungabe yini eholele ekutheni baze bamudubule bamubulale ngesihluku esingaka uMnce kuze kugcine sekulimala nabanye abantu abangazi lutho.”

Ngesikhathi i-Echo ihambele kulendawo ifice abanye abangani bakaMnu Zulu noBasi besakhungathekile ngaphandle kwayo lendlu. Igazi belisagcwele indlu kanti elinye belibonakala ngaphandle lapho kade kubaleka khona labo abathole amachaphazelo.

Omunye okhulume ne-Echo, kodwa wangathanda ukuba kudalulwe igama lakhe, uthe naye usathukile ngoba lesi sigameko sicishe senzeka ekhona naye.

“Ngihambile mina ngabashiya ngaya ekhaya kodwa bengiwumuntu ozobuyela ayohlala nabo. Ngesikhathi sekumele ngibuyele ngivele ngaba nesibhocobhoco ngavele ngalala ngangabe ngisahamba. Ngibe sengizwa ebusuku ukuthi sekungene abantu baqotha ngenhlamvu,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlou uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko. “Amaphoyisa aphenya amacala okubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.Imbangela yokudutshulwa ayikaziwa, ” kusho yena

“Ngesikhathi sifuna ukubona ukuthi kungabe obani laba abafuna uMnce ebusuku, kwavele kwagulukudela abesilisa ababili bathatha intombazane bayidonsa bayikhiphela emnyango.

Ayikho into abayikhuluma bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena uMnce kwaze kwaba uyawa bemudubula ngisho eselele phansi

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.