Isinqumo sebheyili kwelaMchunu

2018-11-28 06:02
Abalandeli bakaMsawenkosi Maqatha Mchunu ngaphandle kwasenkantolo.ISITHOMBE: sigciniwe

Abalandeli bakaMsawenkosi Maqatha Mchunu ngaphandle kwasenkantolo.ISITHOMBE: sigciniwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASOLWA abayisithupha okubalwa kubona nekhansela laku-ward 10 uMnu Nkosinathi Gambu bazokwazi kusasa ngekusasa labo njengoba kulindeleke ukuba kuphume isinqumo ngesicelo sabo sebheyili kusasa (ngoLwesihlanu) mhla zingama-23 kuLwezi (November).

UMnu Gambu kanye nasolwa nabo okubalwa kubona uSkhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane kanye noGift Zungu babhekene namacala ahlukene okubalwa kuwona nelokubulala uMnu Msawenkosi “Maqatha” Mchunu nowadutshulwa wabulawa ngenyanga kaNhlaba (May) kuwona lo nyaka.

Abasolwa sebechithe isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili bebhadle esitokisini kanti ukulalelwa kwesicelo sabo sebheyili kona kudonse isikhathi esithi asibe yinyanga yonke.

Bonke abasolwa bayawaphika la macala bathi ayikho into ebahlanganisa nawo kanti futhi asikho isizathu esasingabenza ukuba baze bafune ukubulala uMchunu.

Lowo omele umbuso u-Adv Rene Padayachee uthi umbuso uyaphikisana nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili kwazise bayingozi emphakathini.

NgoLwesihlanu wesonto eledlule kugoqiwe ukulalelwa kwesicelo sebheyili kanti sekulindeleke ukuba iMantshi u-Adv Vincent Mncanyana akhiphe isinqumo..

Lowo omele umbuso uNks Padayacheee uthe ngelanga okwadutshulwa ngalo uMnu Mchunu kwangena ucingo emaphoyiseni livela kumuntu owazichaza njengomngani kaGambu olwaluthi amaphoyisa awaphuthume emzini kaMnu Gambu ngoba uyahleselwa nothi umbuso konke lokho kwakungamampunge nje.

Kuthiwa amaphoyisa afica uMnu Gambu kwakhe wabe esewacela ukuba ahlale ahlole isimo wawacela nokuba ahlale isikhashana aqaphe isimo ngoba wayesabela ukuthi abahlaseli bakhe bangaphinde babuye bazohlasela.

UNks Padayachee uthe bekusezandleni zabasolwa ukuba kube yibona abaveza izizathu ezinqala ezingenza ukuba badedelwe ngebheyili.

Amalunga omphakathi ahlukene phakathi ngalolu daba njengoba selokhu abasolwa baqala ukuvela enkantolo kunezinhlangothi ezimbili; labo abeseka uMnu Mchunu kanti abanye beseka uMnu Gambu kanye nasolwa nabo.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.