Isishabasheki sezemvelo sigqugquzela ngezemvelo

2017-12-27 06:00
Isithombe: SithunyelweUMnu. Trever Sanele Colvelle.

Isithombe: SithunyelweUMnu. Trever Sanele Colvelle.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISISHABASHEKI sezokuvikela imvelo uTrever Sanele Colvelle, wase-Elandskop, ngaseMgungundlovu, wangenwa wuthando lokuvikela imvelo ngenkathi esafunda esikhungweni semfundo ephakeme.

Ekhuthazwa kakhulu wusolwazi wakhe enyuvesi, uSol MJ Savage, ogumbi lakhe locwaningo lwalusebenzisa amandla elanga kuphela, uColvelle wangenwa wuthando lokukhuthaza abantu ukuthi behlise izinga labo lokungcolisa imvelo, baphile impilo yokonga imvelo.

Wagxila ekunciphiseni imililo yasemijondolo nokufa kwabantu emalokishini ngenxa yokuxhunywa kukagesi ongekho emthethweni, odume ngelezinyokanyoka. Ukusiza izingane zasezikoleni zasemakhaya, ezihamba amabanga amade ziyotheza izinkuni ukuze kubaswe, engabe zigxile ezifundweni, ngenye yezinto agxile kuzo uColvelle.

Nakuba liselisha ibhizinisi likaColvelle, kodwa unevuso elikhulu ngekusasa leTech-Note. U-Colvelle uthi: “Ngiwumuntu othanda ukuqamba izinto ezintsha sidalo sami. Ngiyathanda ukwakha izinto ezintsha ngezinto ezingenamsebenzi kanti lokho kunginika ithemba lokuthi ibhizinisi lami ngeke liwe. Akusikho okwenzayo okubalulekile kodwa yindlela okwenza ngayo.”

Umshini kaColvelle, iSolar Nexu, okuyinto egoqwayo yokugcwalisa amandla ngelanga kwi-heater, umsakazo, ithelevishini nezibani, kwenze kungabi nasidingo samabhethri, isitofu sikapharafini nokubasa eziko – okuyingozi.

Le mpahla engangenwa ngamanzi ifana nesambulela segalofu, okwenza ivikeleke ezimweni ezimbi zezulu ikwazi nokugcwalisa i-power bank uma ufika ekhaya.

U-Colvelle, oneminyaka ewu-26, uthweswe iziqu zeGeography and Environmental Management yiNyuvesi yaKwaZulu-Natali.

Ngenkathi ekuqaleni konyaka kufuneka imingenelo yeNkunz’isematholeni Youth in Business Competition, uColvelle wabhalisa igama lakhe. Lolu hlelo lweThala lusiza intsha yosomabhizinisi abasafufusa bafeze umqondo wokuba nebhizinisi elisebenza ngaphandle kwezihibe, ngokuxhasa ngemali yokuliqala nokuliphatha ngempumelelo endleleni eya empumelelweni.

“Wunyaka wesibili ngingenela umcintiswano ngomqondo wami webhizinisi. Ngeke ngiqambe amanga, kuyangijabulisa ukuthi angiphumelelanga okokuqala ngoba kunginike ithuba lokuphucula umqondo webhizinisi lami,” kusho uColvelle.

Nguye obaqwaqwade emakhanda bonke emncintiswaneni wakulo nyaka, washaya wachitha nosizo lokwesekwa ebhizinisini lwenani likaR250 000, okukhona kulo lokhu:

• Ukuvikela umsebenzi womqondo wakhe

• Izindleko zomsebenzi

• Ukwenza umkhiqizo

• Ukwelulekwa

• Izindleko zokukhangisa

“Uma ngikhumbula kahle Ithala kade lagxila ekuthuthukiseni amabhizinisi amancane eKZN namaphethelo, okunginika ithemba lokuthi ngisezandleni ezifanele, kunginike neqholo lokuthi ibhizinisi lami lizothuthuka,” kusho uColvelle.

Eminyakeni emithathu edlule, Ithala likhiphe uR878 600 000 lixhasa amabhizinisi acela ku-700, kwadaleka amathuba emisebenzi angaphezu kuka-8 000. Kuwo wonke la mabhizinisi amaphesenti awu-28 ngawabantu besifazane kanti awentsha acela kumaphesenti awu-40 abolekwe yiThala imali.

Ukuthuthukisa amabhizinisi amancane kule minyaka emihlanu ezayo ngenye yezinhloso zeThala.

“Imbokodo Iyazenzela” Women in SMMEs Awards neSiyasebenza ngezinye zezinhlelo ezimqoka zeThala zokuphuthumisa intuthuko yamabhizinisi amancane nokuhlomisa amabhizinisi abantu besifazane nentsha bemiphakathi ekade incishwe ithuba.

Imbokodo Iyazenzela yasungulwa ngo-2015 kanti isifinyelele kubantu besifazane abawu-3 000 emadolobheni awu-16.

Lolu hlelo lusiza osamabhizini besifazane abadinga usizo lwemali nezinye izinto zokusebenza ukuthi badlondlobale nokwenza amabhizinisi amancane abo aphumelelele kulesi sifundazwe.

“ISiyasebenza” wuhlelo lokuthuthukisa amabhizinisi oluhlose ukufundisa osomabhizinisi basemalokishini nabasemakhaya abadala nabasafufusa izindlela zokwakha nokukhulisa amabhizinisi abo.

Evile ku-2 000 amabhizinisi amancane osekufinyelelwe kuwo kuzo zonke izifunda eziwu-11 zaseKZN.

Uphiko lokubolekisa ngemali eThala lusiza osomabhizinisi abancane emikhakheni yezimboni, ezolimo, ezokuvakasha, imifelandawonye nezokwakha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Hawks’ new hope

2018-05-27 00:00

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.