ISweetlove ethubeni lokuhlomula ngendondo

2016-09-14 06:00
PHOTO: supplied Iqembu iSweetlove liqokelwe indondo kuma Live Your Dream SA Awards azobanjelwa eThekwini.

PHOTO: supplied Iqembu iSweetlove liqokelwe indondo kuma Live Your Dream SA Awards azobanjelwa eThekwini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LIZOMELA amaciko aseMgungundlovu iqembu le-Kwaito lase-Sweetwaters eliqokelwe indondo emcimbini wama Live Your Dream SA Awards.

Lomcimbi wokuklomelisa abaculi ngezindondo uzokuba mhlaka 29 ku Okthoba ePlayhouse eThekwini kanti iqembu iSweetlove liqokelwe emkhakheni we ‘Best Group’.

Leliqembu elinamalunga amabili uSihle Didi no Zodwa Hlongwa lisanda kukhipha i-albhamu entsha ethi ‘Taxi love story’ ehlolose nge-single ephume ngenyanga ka-Agasti enesihloko esifanayo.

UDidi ekhuluma ne-Maritzburg Echo uthe bayaqala ukuqokelwa indondo selokhu bengene endimeni yezomculo.

“Sijabule kakhulu futhi sizimisele ukuthi sibuye nayo lendondo size lapha eMgungundlovu. Okumnandi ukuthi yithina kuphela esimele lelidolobha siqhathwe nabanye abaculi baseThekwini.”

UDidi unxuse abalandeli babo ukuthi babavotele njengoba ukuvota kuqale mhlaka 1 September kuyoze kube mhlaka 27 Okthoba.

“Siyacela ukuthi abantu basivotele ukuze kufezeke iphupho lethu. Ukuqokwa kwethu kulomkhakha sikuthatha njengophawu lokuthi umculo wethu uyathakaselwa kakhulu.”

Abanesifo sokubavotela bangathumela igama LYD241 ku 45633 noma yikangaki kanti ama-sms abiza uR1.50 ngayinye.

UDidid uthe kumanje bamatasatasa bahlela umcimbi we-Miss Sweetlove 2016 nokuyilapho beyokwethula khona i-albhamu yabo entsha ngokusemthethweni.

Mayelana neminye imininingwane ungabavakashela ekhasini labo likaFacebook : Sweetlove Music Group okanye uthumele i-email ku sihle4simthandile@gmail.com noma ushayele 072 788 96 93.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.