Ithemba kuklonyeliswa abadlali be Special XI

2017-12-27 06:00
Isithombe: SithunyelweRonnie Jacobs,Thubelihle Ngcungama,Brett Beckett.

Isithombe: SithunyelweRonnie Jacobs,Thubelihle Ngcungama,Brett Beckett.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NAKUBA iseyinde indlela okufanele ihanjwe ebholeni lasemazingeni aphansi eNingizimu Afrika ukufica amazwe anjenge Brazil, Spain, Argentina ne-Germany, kodwa ukuklonyeliswa kwabadlali beqembu lase Edendale, i-Special XI FC kuyinto eqinise idolo ngonobhutshuzwayo wakulendawo.

Ukuhlabana kwabadlali abahlukahlukene kufanele kube yinto nathi ezokwenza ngomuso siziqhenye. Siyethemba ukuthi ukuvelela kwabo ngeke kube wumlilo wamaphepha. Sethemba ukuthi ukuhlabana kwalaba badlali kuzovula amehlo abantu abaningi.

Iqembu lebhola lezinyawo elase Edendale i-Special XI FC engaphansi kwe Edendale Football Association (EFA) liklomelise abadlali nabaqeqeshi abenze kahle onyakeni ka 2016/17. Lomcimbi obubanjwelwe e-Skhulu’s Tuck Shop eNhlazatshe ngeSonto ububhlanganisa bonke abadlali abangaphansi kwaleli qembu kuzo zonke izigaba (u13, u15, u17 nabadala). Abadlali abayisishiyagalolunye (9) baqwaqwade bonke amakhanda ngenkathi bekhala bemuka nezindondo zokuba abadlali abavelele.

Kuwona bekukhona izingqungqulu ezake zaligijimela leli qembu uRonnie Jacobs noMgi “Skiri” Ngubane.

Leliqembu liphethwe inkakha edumile ekuthuthukiseni kwebhola lezinyawo endaweni yase Edendale namaphethelo uLeonard “Skhulu” Vilakazi.

Abaqeqeshi beqembu uMdu Shibase no Phumulani “Nqawe” Sikhakhane babe ngabaqeqeshi abavelele.

“Ukudlondlobala kwabadlali baleliqembu kube wubufakazi bokuthi elakuleli linenkindlane yabadlali abakhaliphile. Sethemba ukuthi ukunqoba kulaba abaklonyelisiwe kuzogqugquzela intsha yabafana namantombazane ukuthi ilandele ezinyathelweni zabo” kusho isikhulumi sosuku uMnu Bheki Hadebe.

ISIYONKE IMIPHUMELA IHAMBE KANJE:

Player of the Year (u15): Asanda Nzuza

Player of the Year (u15): Thubelihle Ngcungama

Player of the Year (u15): Buhle Bhengu

Player of the Year (u17): Madoni Maduna

Player of the Year (u17): Sithembiso Shibase

Player of the Year (u17): Mhlengi Dlamini

Player of the Year (Open): Mcebisi Jili

Player of the Year (Open): Sifiso Zondi

Player of the Year (Open): Lindani Zondi

Coach of the Year: Mdu Shibase

Coach of the Year: Phumulani Sikhakhane

Special recognition: Bheki Hadebe

Special recognition: Thembisisa Funeka

Special recognition: Brett Beckett

Special recognition: Ntokoza Shelembe

Special recognition: Sandile Ngcobo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.