Ithemba kuklonyeliswa abadlali be-Special XI

2019-12-18 06:00

NAKUBA iseyinde indlela okufanele ihanjwe ebholeni lasemazingeni aphansi eNingizimu Afrika ukufica amazwe anjenge Brazil, Spain, Argentina ne-Germany, kodwa ukuklonyeliswa kwabadlali beqembu las- Edendale, i-Special XI FC kuyinto eqinise idolo ngonobhutshuzwayo wakulendawo. Iqembu i-Special XI FC eligubha iminyaka engamashumi amahlanu engaphansi kwe-Edendale Football Association (EFA) liklomelise abadlali nabaqeqeshi abenze kahle onyakeni ka 2018/19.

Lomcimbi obuse TVET College Plesisslaer Campus eMbali ngoMgqibelo mhla ziyi-7 kuZibandlela (December).

Lo mcimbi ubuhlanganisa bonke abadlali abangaphansi kwaleli qembu kuzo zonke izigaba (U13, U15, U17 nabadala). Abadlali abayisishiyagalolunye baqwaqwade bonke amakhanda ngenkathi bekhala bemuka nezindondo zokuba abadlali abavelele.

Kuwona bekukhona izingqungqulu ezake zaligijimela leli qembu uBheki Mlangeni,Bongani Duma,Mgi “Skiri” Nzimande,Lovemore Khumalo,Pass Ndlovu nabanye.Isikhulumi sosuku bekungu solwazi uDkt. TE Ntombela. Leliqembu liphethwe inkakha edumile ekuthuthukiseni kwebhola lezinyawo endaweni yase Edendale namaphethelo uLeonard “Skhulu” Vilakazi.

Abaqeqeshi beqembu uNtokozo “Ace” Danisa, Siya Dladla,Zamani Dlamini,Sandiswa Skhakhane no Sabeleo Zondi babe ngabaqeqeshi abavelele.

“Ukudlondlobala kwabadlali baleliqembu kube wubufakazi bokuthi elakuleli linenkindlane yabadlali abakhaliphile.

Sethemba ukuthi ukunqoba kulaba abaklonyelisiwe kuzogqugquzela intsha yabafana namantombazane ukuthi ilandele ezinyathelweni zabo” kusho isikhulumi sosuku uMnu Ntombela.-Umbiko uthunyelwe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.