Ithole izindondo ezimbili imbongi yase Sweetwaters

2017-11-29 06:01
Isithombe: SithunyelweUMnu. Avela Khawa imbongi yase Sweetwaters ukolomekiswe ngezindondo ezimbili ngempelasonto.

Isithombe: SithunyelweUMnu. Avela Khawa imbongi yase Sweetwaters ukolomekiswe ngezindondo ezimbili ngempelasonto.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yase-Sweetwaters uMnu. Avela Khawa oneminyaka engu-23 uthe uyakujabulela ukuthi uthole izindondo ezimbili emcimbini Umgeni Music Awards ngempelasonto.

Lomcimbi obuhlelwe ngaphansi kukamasipala waseMngeni ubungoMgqibelo ehholo lomphakathi Howick West ngo-8pm.

UMnu. Khawa uklonyeliswe ngendodo yokuba imbongi ezidlula zonke izimbongi zabesilisa kanye neye-Best Newcomer.

“Ukuhhaya izinkondlo yinto engayiqala ngisafunda isikole ngenza u-grade 10.

Enye yezinto ezakhulisa uthando lwami lokuhhaya izinkondlo yindlela abanye abafundi ababengigqugquzela ngayo,” kusho uMnu. Khawa.

Bekungekhona okokuqala ukuthi lembongi ithole indondo ngenxa yomsebenzi wayo njengoba ngonyaka odlule yathola indondo ye-Best Poet kanti ezinyangeni ezimbili ezedlule kumcimbi ama-KZN Young Achievers nakhona yanikezwa indondo.

“Kuma Young Achievers ngithole indondo ngenxa yomsebenzi engiwenzayo emphakathini wokugqugquzela abantu abasha, ngihambela izikole ngigqugquzela intsha ukuthi igweme ukuwela kwizidakamizwa,” kusho yena.

Uqhube ngokubonga abalandeli bakhe ngokuthi bemuvotele njengoba egcine ezitholele izindondo ezimbili ngempelasonto.

“Abantu bebe ngivotela ngokuthi besebenzisi ama-airtime abo.

Ngithanda nokubonga nabantu abangimema ukuthi ngizophatha imicimbi nezinhlelo zabo,” kusho uMnu. Khawa.

Uthe ufisa nokubonga nabahleli bomcimbi wama-awards ngoba ngokuklonyeliswa kwakhe baningi abantu asebezoqala ukuthi bazi ngaye nangomsebenzi wakhe.

Lembongi ithe imcimbi ezoba yingxenye yayo kungekudala iNyusa i-Volume, Matatiele Music Festival kanye nomcimbi ozoba e-Gwalisto.

“Kukhona icwecwe lami engilikhiphile elinezinkondlo ezingu-6 elibiza u-R30 abantu bengaxhumana nami uma befisa ukulithola, ngisho nabantu abangahlali eMgungundlovu ikhona imizamo engiyenzayo ukuthi nabo beylithole,” kusho uMnu. Khawa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.