Itholwe isishonile intombazane (13) ebidukile

2019-07-17 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUSnegugu Mthembu otholwe eseshonile.

ISITHOMBE: sithunyelweUSnegugu Mthembu otholwe eseshonile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYAVEVA umphakathi waka-Jika Joe ngemuva kokutholakala kwengane yentombazane yakule ndawo isibulewe yaphonswa emfuleni oseduze kwayo lendawo.

USnegugu Mthembu (13) utholwe ngoLwesibili ekuseni umama wakhe uNks Phumeza Dlamini ngesikhathi ethi uyochitha amanzi akade egeza ngawo emfuleni.

Ngokuthola kwe-Echo uSnegugu wanyamalala ngeSonto. Kuthiwa waphuma eyodlala nezinye izingane emnyango kodwa kakuphelanga ngisho imizuzu emihlanu wanyamalala.

Ngemuva kokubonakala ukuthi ulahlekile umama wakhe wabe eseyobikela amaphoyisa ngenhloso yokuthola usizo lokuthi amubhekise.

Ugogo wakhe ongathandanga ukuzidalula igama uthe baqala ukubona ukuthi uSnegugu ulahlekile ngesikhathi ethumela enye ingane ukuthi ayiyombiza emyango ukuze bazodla. Uthe ingane yabuya yathi ayimboni uSne.

USne kuthiwa ubengajwayele ukuzula ngoba noma ephumile eyodlala ubedlala eduze kwasekhaya lapho ezobonakala khona. Ubenenkinga ekhanda kanti futhi ubenenkinga yokubona nasemehlweni njengoba kade efunda esikoleni i-Open Gate School.

“Ngemuva kwaloko ngaphuma ngamubheka komakhelwane ngabe sengifonela umawakhe ngimtshela wabe eseyabuya ke umawakhe,” kubeka ugogo wakhe.

Ugogo uthe umama kaSne ubethi uyochitha amanzi akade egeza ngawo ngesikhathi ehlangabezana nesidumbu sendodakazi yakhe sididilize eduze komfula.

“Ngizwe ngesililo nje mina ngabe sengiphuma ngigijima ngiyobona. Nakulendawo lena uSne atholwe kuyona iyona le ndawo ekade simufuna kuyona izolo (ngoMsombuluko). Namanje sisadangele ngoba nje asazi ukuthi ubani omkhiphile wamujikijela kule ndawo.

“Besisanethemba elikhulu lokuthi sizomthola uSne kodwa siphoxeke kabi uma ngabe sesithola isidumbu sakhe eseshonile,” kubeka yena.

Umama kaSne yena uthe ubuhlungu kakhulu ngoba seloku kwalahleka uSne ubengasabuthi quthu ubuthongo. Uthe ubesathi uchitha ibhadeke lamanzi ngesikhathi ezithela phezu kukaSne. Uthe ubengasagqokile kwesingezansi kodwa ngenhla ubesafake ijezi ekhamisile.

NgoMsombuluko umphakathi wakule ndawo uvuke umbhejazana wavala yonke imigwaqo eseduzane nale ndawo ngamathayi avuthayo uthi ufuna ukwazi ukuthi kungabe uSne ushonephi ngoba besebembheke baze bancama.

Lo mphakathi usole amaphoyisa ngokuhudula izinyawo ekuwusizeni ekutheni ubheke uSne.

“Ukube amaphoyisa afikile la ngemuva kokubikelwa ukuthi ingane idukile angabe siyitholile ngaphambi kokuba kwenzeke yonke lento le. Kunaloko asitshela ukuthi izinja zawo angeke zize zingene la kule ndawo kuyanuka,” kusho elinye ilunga lo mphakathi.

Umsolwa walesi sigameko uzame ukubaleka kodwa wagcina eboshiwe. Kuphinde washona omunye owokufika obethi uzama ukusukela umsolwa obezama ukubaleka wabe eseshaywa ugesi washona.

Umphakathi uphinde wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo ngalo uLwesibili uthi ufuna kudedelwe umsolwa ukuze ezobuya azochaza ukuthi kungani ebulale uSne.

Ophaqa baSne kuthiwa batholwe endlini umsolwa akade eqashe kuyo. Umsolwa kuthiwa ubesenesonto elilodwa kuphela efikile endaweni.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe ukhona umsolwa oboshiwe.

Ukuqinisekisile ukuthi bekuvulwe icala lomuntu olahlekile kodwa wathi manje sekuvulwe icala lokubulala.

Umsolwa uzovele enkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu maduzane.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.