Iyakhula eyombango womhlaba eNadi

2018-07-04 06:01

SELOKU kwakhothama Inkosi yesizwe saseNadi ngonyaka wezi-2013 umphakathi wakule ndawo usuzwakalise ukunganami kwawo ngokwabiwa kwezindawo kule ndawo.

Imiphakathi ehlukene engaphansi kwalesi sizwe ikhala ngokuthi izinduna zizama ukubaqhatha ngokubadayisela izindawo bese ziyabaphuca zidayisele abanye futhi izindawo ezifanayo.

Lokhu kuvele ngemuva kokuba i-Echo ishicilele udaba lukaMnu Thulani Maduna ngesonto oledlule mhla zingama-21 kuNhlangulana (June) nalapho kade ekhala khona ngokuthi induna yasendaweni yaKwaShange uMnu David Shange wamudayisela izindawo ezimbili zokwakha ngemali engu-R1200 indawo iyodwa nokwathi uma esethi uyokwakha wathola ukuthi indawo yakhe isidayiselwe omunye umuntu.

Uthi wathi uma eyobuza induna yabe isimusongela ngokuthi akangulusukumeli lolu daba ngoba izomufundisa isifundo.

Kusukela lapho amalunga omphakathi ahlukene ngaphansi kwesigodi saseNadi asephumele obala asho ukuthi nawo abhekene nenkinga efanayo kanti lolu daba seluze langenelelwa nanguNdlunkulu weNkosi endala uMnu Shayabantu, uMaKhanyile nothe akahambisani neze nokwenziwa izinduna esho nokuthi sebefuna uMnyango wezokuBusa nokuBambisana naMakhosi oMdabu ungenelele.

UNdlunkulu nophinde abe senhlanganweni elwela amalungelo abantu kwezomhlaba i-Rural Women Movement uthe ngesikhathi kukhothama Inkosi ngonyaka wezi-2013 izinduna zatshelwa ukuthi azime ukwaba izindawo kuze kube khona ibamba le Nkosi nokuyilona elizokhipha umyalelo ukuthi sebengazaba izindawo.

“Sengithule kakhulu ngiyibekezelela lento kanti futhi nabo ngibatshelile eMkhandlwini ukuthi uma kungukuthi abayiyeki lento abayenzayo ngizoyilwa kuze kube benza izinto ngendlela.

Bazaba kanjani izindawo ekubeni ingekho iNkosi ngoba iyona ekumele ikhiphe lowo myalelo?

Ngonyaka ka-2013 ngajutshwa inhlangano yami ukuba ngihambe ngiyobheka indlela lowa mkhandlu osebenza ngayo.

Ngathuka kabi uma ngithola ukuthi ngosuku olulodwa kwakunamacala ali-11 okubangwa komhlaba.

Abantu abathathu badayiselwa umhlaba owodwa,” kubeka yena.

Uqhube wathi wabatshela ukuthi kumele balulungise lo daba lo mhlaba kodwa kuze kube imanje abantu basanenkinga efanayo.

Uthe sebeyasaba ukuba uma kungukuthi lo mbango uyaqhubeka kuzogcina sekuchitheke igazi.

“Abantu bakhokhiswa izimali eziningi ezingafani futhi uma babelwa umhlaba kodwa uma sebenikezwa ubufakazi bokuthi bakhokhile banikezwa iziliphu ezibhalwe ukuthi bakhokhe imali ewu-R20.

Abanye abantu abazitholi kwazona lezo ziliphu zokuthi kunemali abayikhokhile. Ngesikhathi Inkosi ikhothama abantu babekhokha u-R520 ubani ke lo osewayinyuka yaze yafika ko-R1200 nako R5000 ekubeni lingekho ibamba leNkosi?

Ngizamile ukuluxoxa nomkhandlu lolu daba ngibatshela ukuthi lento abayenzayo ukukhwabanisa kodwa abafuni ukulalela.

Njengoba lezi zinduna ziyekwa ziqhubeka nokwaba umhlaba ekubeni zatshelwa ukuthi azingawabi, Inkosi ezolandela izofika itholeni ngoba umhlaba uzobe ungasekho?,” kubeka undlunkulu uMaKhanyile.

UMnu Makhaye wasendaweni yakaMyandu uthe naye usephumele obala wathi unenkinga njengoba induna isinikeze abanye abantu indawo yakubo enamathuna abazali bakhe kanye nabantu abadala bakubo.

Uthe wazama ukululwa lolu daba waze wafika nasemkhandlwini kodwa wafika wathola ukuthi abantu abanikezwe indawo yakubo bakhokhe imali enkulu ukuze bayithole.

“Kumanje sebakhile phezu kwamathuna asekhaya ayikho nento esizoyenza ngoba phela babelwa induna kanti futhi banemali yokukhokha thina asinayo imali yokukhokha.

Angazi ukuthi sesaya kangaki emkhandlwini sithi siyolwa lolu daba kodwa kuzinhlanga zimuka noboya.”

Imizamo yokuxhumana noNdlunkulu okhona njengamanje ibhuntshile kanti ngesonto eledlule induna uShange wathi ngeke akwazi ukuphawula ngodaba lomhlaba ngoba selusemkhandlwini.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.