Iyakhula imbongi esencane

2018-09-12 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweULungisani Ngidi.

ISITHOMBE: sithunyelweULungisani Ngidi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IYAKHULA imbongi esencane yaseMbali Unit 1 uLungisani “Dokotela” Ngidi njengoba isanda kuhlabana nendondo emcimbini wezindondo i-KZN Youth Awards nobubanjelwe eThekwini ngenyanga eyedlule.

UNgidi (23) usanda kukhipha inkondlo yakhe esihloko sithi Abantu abakhubazekile bacela ithuba negcine ngokuthi kube iyona emuwinise indondo emkhakheni wezinkondlo.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uNgidi uthe waqala ukuhaya izinkondlo efunda uGrade 3. Uthe kuyamjabulisa kakhulu ukuthi kukhona abantu abakwaziyo ukubona ithalente lakhe kangangokuba aze aqokwe aphinde awine indondo.

Uthe kuyamjabulisa ukuzibona ekhula kulo mkhakha kanti iphupho lakhe ukuthi aqhubeke akhule ukuze kube ugcina esaziwa umhlaba wonke.

“Izinkondlo zami eziningi ziyeluleka, ziyagqugquzela futhi zikhuthaza abantu ukuthi bangaliphonsi ithawula. Ngiyakholelwa ekutheni uma uzimisele ngento uzokwenza konke okusemandleni ukuthi uyithole futhi uphumelele.

“Into abantu okumele bayazi kakhulu futhi ikakhulukazi kule ndima ukuthi ayikho into eza kalula empilweni yonke into oyifunayo uyayijulukela. Kumele usebenze ngokuzikhandla ukuze kufezeke amaphupho akho. Njengoba ngikwazile nokuthi ngiwine indondo akusho ukuthi sengiphelele ngisazoqhubeka ngoba ngifuna ukuthi ngiwine ezinye futhi izindondo ezinkulu kusasa. Le ndondo iyona eseyingikhuthaza kakhulu ukuthi ngiqhubekele phambili yingako nami ngifuna ukukhuthaza abanye.”

UNgidi uphinde waveza ukuthi kumanje bamatasa bahlanganisa umcimbi wezinkondlo abawenzele abantu abakhubazekile.

“Sihlanganise amakhanda nesonto i-Shilo Church lakhona eMbali ngoba sifuna ukubona ukuthi yini into esingayenza ukugqugquzela abantu kanye nentsha ikakhulukazi labo abaphila nokukhubazeka. Sibe sesiqhamuka nesu lalo mcimbi obizwa ngokuthi yiPraise Poetry in Christ. Sifisa ukumema bonke abantu ikakhulukazi labo abaphila nokukhubazeka ngoba sifuna ukubakhuthaza ukuthi ngisho kungathiwa baphila ngaphansi kwesimo esinjani, ayikho into abangeke bakwazi ukuyenza uma nje bona bezinikele kuyona,” kubeka yena.

Lo mcimbi uzoqala ligamenxe ihora lesithathu ntambama (3.30 pm). Ithikithi lokungena elejwayelekile libiza u-R50 kanti i-VIP yona u-R150.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.