Iyaqala iWafa Wafa yodumo

2016-08-24 06:00

UMQHUDELWANO waminyaka yonke noqhatha wonke amaqembu e-PSL akwazile ukuqeda isizini ephakathi kwayishiyagalombili okuqala, iMTN8 Wafa Wafa kubhekeke ukuthi iqale ngegiya eliphezulu.

Kulokhu kuningi futhi okuzoconsisa amathe nge Wafa Wafa ngendlela nje imidlalo ehlelwe ngayo.

Ngesikhathi kwenziwa idilo noma ngesikhathi amaqembu eqhathwa, kuningi okwenze amaphaphu abalandeli aba phezulu, ngoba phela ofishi abancane bazobhekana nabakhulu. Kusobala-ke ukuthi eminye yemiphumela ingaxaka noma ingaphathisa ikhanda abalandeli abaningi.

Lomqhudelwani uzoqala ngoLwesihlanu mhlaka 26 Agasti, nalapho omakoti beligi nabasanda kuthenga isitifiketi seMpumalanga Black Aces i-Cape Town City bezotholana neKaizer Chiefs eCape Town Stadium ngo 8 ebusuku.

Kanti eminye imidlalo nayo izokwenza abalandeli bahlahle amehlo imi kanje :

NgoMgqibelo mhlaka 26, iPlaninum Stars iyobhekana neChippa United ngo 3 ntambama eRoyal Bafokeng Sports Palace.

Kanti iBidvest Wits eyakwazi ukuqeda ilelele isithathu ngesizini edlule izoqhuthana amazenze neBhakaBhaka eBidvest Stadium ngo 8.15pm ngawo belu usuku olufanayo.

Omunye umdlalo ozoconsisa amathe ophakathi kweMamelodi Sundowns nomakhelwane iSuperSport United emdlalweni oyobe useLoftus Versfeld, ngeSonto mhlaka 28 Agasti.

Umqeqeshi woshampeni beligi ngesizini edlule uPitso Mosimane uthi ukuqhathwa kwabo neSupeSport United kubukeka kuzobanzima kodwa kuzoqinisa idolo kulethe namathemba ngomqhudelwano.

“Angichomi noma angiyibukeli phansi iSupeSport United, kodwa uma sikwazile ukubadla, indlela yethu isiyoba lula emidlalweni elandelayo.

Phela uma uqale nzima empilweni uvamisile ukugcina ngokulula. Kodwa singakhohlwa ukuthi kahle kahle ayikho ithimu elula kwiWafa Wafa,”kusho uMosimane.

Umdlalo wamanqamu uhlelelwe ukuthi ube ngomhlaka 1 Okthoba, kanti kuthiwe imidlalo eyandulela owamanqamu izoba mhlaka 10 kuSepthemba kuya kumhlaka 17 Septhemba.

Okunye okubhekwe kakhulu nokuconsisa amathe ukuthi umdlalo weKhosi neCape Town City uzobe uqhathe abaqeqeshi abasafufusa kodwa abahlonishwayo ngamagalelo abo uSteve Komphela noEric Tinkler.

Kungenzeka lesizini umfoka Komphela ayibone inzima kakhulu ngoba phela obasi bakhe bathe akalethe izinkomishi futhi abuyise udumo oludala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Man scores date with tennis superstar after Twitter bet

It’s a modern day Cinderella story, but one American man took ‘shoot your shot’ seriously in 2017.

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.