Izaguga ziphathwe njengobukhosi

2017-08-30 06:02
Izithombe:Makhosandile ZuluKwesokunxele, uWendy Mcambi ehlikihla izinyawo zikaBuyi Mchunu-Khanyile.

Izithombe:Makhosandile ZuluKwesokunxele, uWendy Mcambi ehlikihla izinyawo zikaBuyi Mchunu-Khanyile.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yabesifazane bamabandla ahlukahlukene i-Sobantu Women’s Intercessory Prayer Group (SWIP) igubhe inyanga yabesifazane ngokuhlonipha abantu asebekhulile ngokubenzela usuku lwabo ngoLwesihlanu, ngomhlaka Agasti 18, lapho khona abakhonjiswe uthando ngezindlela ezahlukene.

Enye indlela izaguga zaseSobantu ezikhonjiswe ngayo uthando ukuthi amalungu alehlangano azihlikihle izinyawo kanye nemihlane aphinde azenzela ama-pedicure nama-manicure, ziqunywa izindzipho kanti lolu suku luphethe ngedili elinomsoco.

Okhulumela lenhlangano, uLindi Yeni uthe: “Sikhethe abantu asebekhulile abangahlali namalungu emindeni yabo. Siphinde sabaluleka ngokuthi kumele bedle kuphi ukudla futhi beziphathe kanjani ukuze bezogcina isimo sabo sempilo sikahle,” kusho yena.

Uthe zonke izaguga ebeziphethwe njengobukhosi ngalolu suku zithole iphakethe elinezipho ezahlukahlukene.

Uqhube wathi lenhlangano ihlose ukuthuthukisa izimpilo zemindeni kanye nabahlali baseSobantu ngokubafundisa ngobubi bezidakamizwa kanye nobugebengu.

“Kungekudala sithole isakhiwo ebesesingasetshenziswa sasilungisa sasesikhanda isikhungo sokulekelela imindeni ehlukumezekile,” kusho uYeni.

Uphethe ngokubonga ikhansela lendawo, uMnu. Sandile Dlamini ovule amasango ehholo lomphakathi ukuze lenhlangano izokwazi ukukhombisa izigagu uthando njengoba kuyinyanga yabesifazane.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.