Izaziso

2020-03-25 06:03

•Sicela ukufuniswa u-Zodwa Sosibo ongumama ka-Amahle Sosibo owamshiya kubaba wakhe uThulani Zingu ongasekho emhlabeni ngo 2014 endaweni yase Khokhwane e- Elandskop. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle u-T.E Shabalala enombowleni ethi: 033 505 0083.

•Sicela ukufuniswa ubaba ka-Sbonga Madondo azalwa ngu Nosizwe Favourate Madondo ongasekho emhlabeni. Kubikwa ukuthi ubaba akaziwa igama lakhe ngoba umama wayengakaze alidalule kodwa wayehlangane no Nosizwe efunda eMsunduzi TVET College ngonyaka ka 2007. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle uMnu. T.E Shabalala enombowleni ethi: 033 505 0083.

• Sicela ukufuniswa abazali ba- Anathi Mzolo owazalwa ngo 2009-10-04 . Umama igama lakhe ngu- Mbanjwa Nondumiso okusolakala ukuthi akasekho emhlabeni kanti igama lika baba wengane alaziwa. Umama wayehlala endaweni yakwa-Gijima e Taylors Halt location. Onolwazi sicela athinte usonhlalakahle uMnu T.E Shabalala enombowleni ethi: 033 505 0083.

•Sicela ukufuniswa ubaba kaSnothando Meranda Ndlovu, umama wakhe wayengu Nobuhle Prisca Ndlovu osadlula emhlabeni waseMpendle. Ubaba wengane igama lakhe nguThokozani Bhengu isibongo imvelaphi nekhaya lakhe kusolakala ukuthi iseStanger ngokusho komndeni. Ongaba nolwazi lomndeni nezihlobo zikababa sicela athintane noSonhlalakahle uNonhlanhla Mlotshwa kulenombolo yocingo: 0339960414/11 ngezikhathi zomsebenzi.

•Sicela ukufuniswa ubaba ka-Amkelo Yunusar Mbhele beno Sabelo Mbhele, umama wabo wayengu Thandeka Beauty Mbhele osadlula emhlabeni waseMpendle. Ubaba wengane igama lakhe alaziwa ngoba wayengowokudabuka eZimbabwe ngokusho komndeni. Ongaba nolwazi lomndeni nezihlobo zikababa sicela athintane nosonhlalakahle uNonhlanhla Mlotshwa kulenombolo yocingo: 0339960414/11 ngezikhathi zomsebenzi.

•Sicela ukufuniswa ubaba kaNomandla Angel Shezi, umama wakhe wayengu Shezi Angel Nomandla osadlula emhlabeni waseMpendle. Ubaba wengane igama lakhe alaziwa nokuthi wayedabuka kuphi akwaziwa. Ongaba nolwazi lomndeni nezihlobo zikababa sicela athintane noSonhlalakahle uNonhlanhla Mlotshwa kulenombolo yocingo: 033 996 0414/11 ngezikhathi zomsebenzi.

•Sicela ukufuniswa abazali bezingane baka Akhona Zondi beno Oluhle Zondi umama wabo ngu NoMfundo Zondi owayehla la Kwa-Dindi. Izingane zihlala kwa-Mpumuza Shayamoy Edamini. Ubaba ka Oluhle kunamahebezi okuthi ngu-Sbonelo Zondo. Obaziyo sicela afonele osonhlalakahle eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi YDC Vulindlela S/O kweth: 0789787860 or 033-5050083/84 Xhumana no-Phoswa G.E. (Magama) kuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi.

•Sicela nisifunise abazali bengane yakwaNgubane u-Phiwayinkosi ohlala kwaMpumuza. Umama wengane sewashona igama lakhe nguZanele Hycynthia Ngubane. Ikakhulu kufunwa ubaba wengane. Obaziyo sicela afonele osonhlalkhle Social Development YDC Vulindlela S/O Phone Number 0789787860 or 033-5050083/84 Xhumana no-Phoswa G.E. (Magama) kuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi.

•Sicela ukufuniswa ubaba kaSbongakonke Bandile Luthuli ozalwa uThobeka Pamela Luthuli ongasekho emhlabeni. Ubaba owakwa Mabika isibongo sakhe. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle uNK Hlela ku033 392 8604.

•I SAVF Social Services icela ukufuniswa umama ka Sbonuthando Hlatshwayo. Igama lika mama ngu-Nonkululeko Hlatshwayo. Onolwazi angathinta usonhlalakahle, Nks V. Zondi enombolweni ethi: 033 342 1229.

•I SAVF Social Services icela ukufuniswa umama ka Samkelo Zakwe. Igama lika mama wakhe nguZanele Zakwe ongaziwa ukuthi ukuphi. Onolwazi angathinta usonhlalakahle, Nks V. Zondi enombolweni ethi 033 342 1229.

•I Child and Family Welfare icela ukufuniswa umama ka Ndebele Promise, umama wakhe okwakungu Thandi Ngubane, ongaziwa ukuthi ukuphi. Ubaba wakhe okwakungu Staneley Ndebele ongasekho emhlabeni. Onolwazi kucelwa athintane no Nobuhle Madlala kule nombolo 033 342 8971

•I Child Welfare icela ukufuniswa abazali baka Amahle Zondi. Umama wakhe okungu Snegugu Zondi kanti ubaba wakhe okungu Nzimasisi Majola, abangaziwa ukuthi bakuphi. Onolwazi kucelwa athintane no Nobuhle Madlala kule nombolo 033 342 8971.

•I Child and Family Welfare icela ukufuniswa ubaba ka Bandile Baphelele Manqoba Edison Nzimande , no Nto Enhle Zamaphephetha Andisiwe Nzimande kanye no Luyanda Mluleki Siyamthanda Nzimande. Umama wabo kwakungu Nqobile Jessica Mthembu, ongasekho emhlabeni. Ubaba wabo okungu Thobelani Martin Nzimande. Onolwazi kucelwa athintane nosozonhlalakahle uNobuhle Madlala kule nombolo 033 342 8971.

•I Child Welfare icela ukufuniswa uababa ka Siphelele Ndlovu kanye no Siyanda Ndlovu. Umama wabo kwakungu Buyisile Jabu Ndlovu, ongasekho emhlabeni kanti ubaba wabo ongaziwa ukuthi ukuphi. Onolwazi kucelwa athintane noNobuhle Madlala kule nombolo ethi 033 342 8971. The Child and Family Welfare are looking for the whereabouts of the natural mother Sharon Peter and the natural father of Ester Peter. Anyone with information, kindly contact Mrs Varsha Haridass, Social Worker on 033 342 8971.. Sicela ukufuniswa uClive Thobelani Martin Nzimande onguubaba kaLuyanda noManqoba noNto-enhl Nzimande. Umama wabo u Jessicca Mthembu Nzimande ongasekho emhlabeni. Onolwazi sicela athintane nosonhlalakahle uNobuhle enombolweni ethi : 033 342 28971.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.