Izelamani zikhiphe ingoma entsha ezoshisa izikhotha

2019-07-10 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweIzelamani ezikhiphe ingoma uBanele (Kwesobunxele) noThokozani Dlamini.

ISITHOMBE: sithunyelweIzelamani ezikhiphe ingoma uBanele (Kwesobunxele) noThokozani Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZELAMANI zakwaDlamini uThokozani “Teddya” noBanele “Banza”, esebezakhele udumo ngomculo wabo, bakhiphe ingoba yabo entsha ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-28 kuNhlangula (June).

Le ngoma yohlobo lwe-Afro-pop esihloko sayo sithi Aksavumee isiyatholakala ezindaweni zomculo kwi-Internet.

Bekhuluma ne-Echo bathe bajabula kakhulu ngalengoma kanti futhi bazocula bukhoma okokuqala ngqa emcimbini wonobuhle owenziwa ibona futhi nowaziwa ngokuthi uMiss High Schools nozoba mhla zili-10 kuNcwaba (August).

“Le ngoma ikhuluma ngezinkinga esibhekana nazo othandweni, ikakhulukazi thina njengabantu abasha.

“Sifuna ukudlulisa umyelezo siphinde siduduze futhi abantu ukuthi bangalilahli ithemba akusikona ukuphela komhlaba,” kubeka uThokozani.

Lezi zelamani zaqala ukungena endimeni yomculo ngonyaka wezi-2008 kuqala uThokozani, uBanele wabe eseyamulandela njengoba abuye abe ngu mdidiyeli(producer).

Le ngoma akusiyona ingoma yabo yokuqala abayikhiphile njengoba ngonyaka odlule bekhiphe enye ingoma esihloko sithi Users, nayo ebeyiqwashisa ngezindaba zothando.

Bathe ngelinye ilanga nabo bayafisa ukuthi bagcine sebene-album yabo kodwa akuyona into abayijahile okwamanje.

“Into esiyidingayo manje ukuthi siphushe umculo wethu sithole nokwesekwa.

Uma ngabe sesibona ukuthi konke kuyahlangana ilapho ke esiyobe sesicabanga khona ngokukhipha i-album.”

Ngaphandle kokucula kanye nokwenza imicimbi baphinde babe nesitebele sabo lapho beqopha khona umculo wabo esaziwa ngokuthi i-Glass Pencil Musik.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.