Izelamani ziyazifela ngokugijima

2019-10-16 06:00
Izelamani uSbonelo kanye noNontuthuko Mashimane abathi bafuna ukukhuthaza abantu ukuba balandele amaphupho abo.ISITHOMBE: siTHUNYELWE

Izelamani uSbonelo kanye noNontuthuko Mashimane abathi bafuna ukukhuthaza abantu ukuba balandele amaphupho abo.ISITHOMBE: siTHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZELAMANI zasendaweni yase-Bisley zithi ziyakholelwa ekutheni ayikho into ongeke uze ukwazi ukuyenza uma ngabe usuzimisele ngayo.

UMnu Sibonelo Mashimane kanye nodadewabo omncane uNks Nontuthuko Mashimane basanda kujima umjaho webanga elingama-161 km nowaziwa ngokuthi i-100 miler.

Bobabili laba abangaphansi kwe-Hollywoodbets Athletics Club bathi bakwenze lokhu ngoba befuna ukukhuthaza abantu babone ukuthi noma ngabe yini abakholelwa ukuthi bangayenza kumele bayenze uma ngabe bebona ithuba livela.

Yize lezi zelamani zigijime ngokwehlukana zithi zikujabulele ukuthi zigcine zilifezile iphupho lazo zaphinde zakwazi ukuthi ziphothule lomjaho. Yomibili lemijaho ibigijinywa izinsuku ezintathu.

USbonelo yena ugijime umjaho wakhe ngenyanga kaNtulikazi (July) kanti owakhe ububizwa ngokuthi i-Washie 100 Miler nakade ewugijima emgwaqeni.

UNontuthuko yena ugime owakhe emasontweni amabili edlule kanti owakhe wona ububizwa ngokuthi i-Karkloof 100 Miler kanti owakhe yena ubewugijima emahlathini endaweni yase-Howick.

Ngesikhathi zikhuluma ne-Echo lezi zelamani zithi zithathe isinqumo sokuthi zifuna ukugijima ibanga elide kangaka ngonyaka owedlule ngemuva kokuba bethole uthuba lokuba ingxenye yawo njengoba kwakhukhona ababeyomeseka.

“Sazitshela ukuthi ngoba nanti ithuba liyavela asivele sesiqala sizilungiselela. Bengiqala ngqa ukugijima ibanga elide kangaka, ngijwayele ukugijima ibanga eli ngaphansi kuka 110 km. Lomjaho besihleli sikhuluma ngawo kusukela ngonyaka owedlule. Sijabule kakhulu ukuthi sigcine sikwazile ukuthi siwenze sobabili ngoba inhloso yethu bekuyileyo nokuthi siwenze ngonyaka owodwa.

“Into ebengiyifuna njengoba kade ngigijima umjaho omude kangaka okokuqala ngqa ingoba ngifuna ukukhuthaza abanye abantu ukuthi ungenza noma yini uma ngabe uzimisele ngayo,” kubeka uSbonelo.

Lezi zelamani zithi kwesinye isikhathi zizilolonga ndawonye ukuze zizokhuthazana.

UNontuthuko uthe yena ekhula wayengakuthandi ukugijima kanti futhi wayengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga kuyogcina sekuyinto ayithanda kangaka.

“Umama wami uyena obethanda ukugijima kwesinye isikhathi uma ngabe ezivocavoca afune ukuhamba nami. Ukuqala nje ukuthi ngijime ngiqale ngemijaho efana noWomen’s Spar Challenge. Angazi ukuthi ngingathi kuqale nini ukuthi ngibe nothando olungaka lokugijima kodwa engikwaziyo ukuthi ukuba umgijimi ubizo lwami. Ukugijima sekuphenduke ingxenye yempilo yami,” kubeka yena.

Uthe okubalulekile uma ngabe ufuna ukwenza into ukuthi uzimisele ukuze uzophokophela phambili.

“Ngesikhathi ngigijima leli banga ngajabula kakhulu yize kwakunzima. Ngiyakhumbula nje kunesikhathi lapho ngalala khona imizuzu engama-35 ngaphinde ngavuka ngazithatha ngaze ngayoqeda ngamahora angama-36.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.