Izilomo zoMhlaba ziza eMzansi

2018-05-16 06:02

ININGI labalandeli bebhola baseMzansi mhlawumbe bacabange ukuthi bayaphupha uma bezwa imibiko ethi iqembu elikhulu lase-Spain iFC Barcelona lizovakashela eMzansi kungekudala.

Iqiniso lithi izikhulu ze-Mamelodi Sundowns ne-South African Football Association (Safa), abaxhasi kanye neBarca bonke basebenza ngokubambisana futhi bamatasa baphothula amalungiselelo okuvakasha kwaleliqembu eliqukethe izihlabani kuphela.

Lomdlalo kulindeleke ukuthi uhehe amehlo amaningi emhlabeni wonke ozobizwa ngokuthi yi-Champions vs Champions, ozoba ngomhla ka-16 kuNhlaba (May) enkundleni yezemidlalo i-FNB Stadium.

Phela izingwazi zaseMansi nezisanda kudla umhlanganiso kwi-Premier Soccer League (PSL) iMamelodi Sundowns iyoqhuthana amakhizane noshampeni base-Spain be-LaLiga iBarcelona.

Ngelempelasonto edlule uMengameli we-Safa uDkt Danny Jordaan nomsunguli waMasandawana uMnuz Patrice Motsepe kade beyobuka umdlalo obuphakathi kwe-Real Madrid ne-Barca nalapho bebehlele ukuphothula izingxoxo ngalomd- lalo.

Okumnandi wukuthi i-Sundowns ne-Barca basebenzisana ngokuzwana futhi bayaqikelela ukuthi izinhlelo zabo zemidlalo aziphazamiseki.

AmaSandawana asehlehlise umdlalo wabo we-Confederation of African Football (Caf) Champions League abazowudlala ne-Horoya AC yaseGuinea ngomhla ka-15 kuNhlaba (May).

Lokuvakasha kwaleliqembu eMzansi kuzoba kungokwesibili emlandweni wabo neSundowns.

Ngonyaka ka-2007 labolama qembu bake bahlangana badlala ePitoli eLoftus Versfeld nalapho iBarca yafika khona no-Ronaldinho no-Samuel Eto’o, bakwazi ukunqoba ngo 2-1.

Okumnandi ukuthi izikhulu ze-Sundowns zisayine isivumelwano sokuthi i-Barcelona iphoqelekile ukuthi ilethe izihlabani ezifana no-Lionel Messi, u-Luis Suarez kanye nabanye abahlale beseqenjini.

Usomaqhinga wabaqeqeshi we-Safa nowake waba ngukapteni we-Bafana Bafana ne-Kaizer Chiefs u-Neil Tovey uthi kuhle ukubona amaqembu aseMzansi afana ne-Sundowns emema izingwazi zomhlaba ukuze bazwane amandla ngoba kuzovula amathuba amaningi kanti nokuzimaketha kubalulekile.

UMnuz Tovey uthi kufanele kukhumbuleke ukuthi amaSandawane anabadlali abaningi abasebancane abafana no- Percy Tau, uSibusiso Vilakazi noThemba Zwane nabanethalente kanti lomdlalo uzobanika ithuba lokuthi babonwe uMhlaba wonke nezivakashi.

Uthe: “Imidlalo enje nobudlelwano obunje kufanele buqhubeke ukuze kusizwane futhi sincele ulwazi kwabangcono kunathi.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.