Izinhlangano kumele zihlelele ibhola lezikole

2017-08-02 06:02

IZINKINGA nepolitiki yomona nokulwela izikhundla phakathi kwenhlangano engamele ibhola kuzwelonke iSafa neyezikole iSasfa iwumdlavuzo oqhubekayo nozogcina ubulale ibhola ezikoleni zonke zaseMzansi.

Okunye okubonakala sengathi akunakiwe wukuthi ukuqhubeka nokulwa kwalezinhlangano kuzothikameza ukugqamiswa kwamathalente amasha noma kwenze ikusasa lezingane libe mfiliba.

Unobhala weSasfa nosamisiwe emsebenzini wakhe weminyaka ngeminyaka uSteve Pila uthi kumanjenje ulala ephenduka efuna isu futhi esebenza kanzima ukuze izinhlaka zebhola zime ngokuqina njengakuqala.

LoMnumzane uze asikaze ukuthi mhlawumbe kuyofuneka kuqalwe inhlangano entsha ezongamela ibhola lezikole.

Phela uPila ungomunye wezikhulu ezikade zikhethiwe ekomitini lokuzama ukuqala inhlangano ehlangene nebumbene yezikole.

Lesikhulu sinethemba ukuthi lelikomiti lizosebenza njengamaqhawe futhi lizophumelela.

Ngokusho kwemibiko elokhu ivela phakathi kwalezinhlangano kukhomba ukuthi lelikomiti linikezwe izinyanga ezine.

UPila kanye namasekela amabili kaMongameli weSasfa uDickson Moleko no Innocent Sirovha bonke bakulelikomiti.

Kanti inhlangano yeSafa imelwe uMzimkhulu Fina, David “Brains” Zulu, Vincent Ramphago kanye no Mazwi Mkhize.

UPila uyaphika ukuthi uSasfa usehlakaziwe noma useqediwe. “Sikholelwa lesimo esikusona njengamanje singaphazamisa izinhlelo zeSafa noSasfa nokuyokhubaza ibhola lezingane sesikole nesingakufuni ukukubona kwenzeka,” kusho uPila.

Lesikhulu sethemba ukuthi bothi lapho beqeda khona umsebenzi abanikwe wona, inhlangano entsha iyobe isihlanganisiwe futhi isikulungele ukusebenza.

“Inhlangano entsha izokwakhiwa kakhulu othisha, ikomiti lizobe lakhiwe yibona ngamaphesenti awu 70% kube othisha uqobo. Lenhlangano izoba namabhuku ayo, usomqulu wayo, i-akhawunti yasebhange kanye nezinquna mgomo zabo, kodwa izobika konke ekwenzayo kuSafa,” kusho uPila.

Kulamasonto ambalwa ezayo lelikomiti lizobe lihambela zonke izifundazwe namanye amagatsha kaSafa ukuze beqwashise umphakathi noma bazidayise ngalokhu abazama ukukwenza.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.