Izinhlelo zokusubatha sezimi ngononina

2018-02-07 06:00

INHLANGANO ephethe ezokusubatha kuleli i-Athletics South Africa (ASA) ithi konke sekuhleliwe futhi sekuqonde njengothi lomkhonto ukuze izinto zihambe kahle kulonyaka omusha.

Ngendlela izinto ezihlele ngayo izinhlelo zazo i-ASA kuyacaca impela ukuthi abathandi bezokusubatha bazobhema bakholwe.

Kanti okunye ekufanelwe ishayelwe ngayo ihlombe i-ASA ukuthi ikhalenda yabo entsha yezinhlelo icacisa ngokusobala ukuthi babe nesikhathi futhi kwasetshengiswa ubungoti nobuchwepheshe.

Phela uMongameli walenhlangano umfana wala eKwaZulu- Natal nowayefunda eManzimtoti College uAleck Skhosana.

Lesikhulu sake saphatha isikhathi eside futhi njengoMongameli we- KZN Athletics emva kokushiya kuka Bobby Maharaj.

Noma-ke amahovisi e-ASA eseGoli kodwa lendoda ibukeka izibambe kahle impela.

Phela lekhalenda ye-ASA itshengisa yonke imidlalo yezokusubatha emigqeni edwetshwe emagrawundini (track and field) kanye nasemgaqweni (road running) ezoba eMzansi wonke.

Okumnandike wukuthi izilomo nosaziwayo kwezokusubatha eMzansi sebenesikhashana beqalile ukusiqeqesha.

Kanti futhi iningi labo selihlelele noma-ke sebecebisana nabaqeqeshi babo ukuthi iyiphi imijasho abazoyigijima.

Izibabuli ezifana noMapaseka ­Makhanya, Elroy Gelant nentokazi yodumo uCaster Semenya bangabanye babasubathi ababonakala sebesebenza kanzima sisuka nje amadaka.

Ngendlela abaziqeqesha ngayo kuyabonakala nje ukuthi bafuna ukuphula amalekhodi abo amadala noma kaZwelonke noMhlaba.

Kuzokhumbuleka ukuthi iningi labasubathi baseMzansi bamatasatasa ngoba phela balungiselela ukudlala kwi IAAF World Half Marathon Championships ezobe ise Valencia, eSpain ngoMashi. Kanti uGalant uthi amanye amehlo akhe Abheke ukunqoba iSanlam Cape Town marathon ezoba ngo­September 23.

Abalandeli bezokusubatha bazokhumbula ukuthi uMakhanya walala isibili kwiSoweto 42.2km marathon ngo November. Lentokazi iyacacasa nokho ukuthi ifuna ukunqoba ibuyise isicoco sayo seSpar Ladies 10km Grand Prix Eyawinwa uKesa Molotsane ngonyaka odlule.

“Kade ngaqala ukuzilolonga, kuyamba kahle, kodwa izinhlelo nemidlalo yami ibukeka icinene kakhulu kodwa-ke ngizimisele. Ngiwabheke ngamehlo abomvu ama-World Champs. Ngibona sengathi inselello yami enkulu kulonyaka kuzoba yiSpar Ladies yodumo. Kulonyaka ngizolwa ngize ngijuluke igazi ngoba phela ngifuna ukuyidla ngabomvu. Kanti eminye imijaho engizoyidlala i-Two Oceans Half marathon (21,1km) neminye-ke emincane. Kanti kubikwa ukuthi uGelant usesebenzisana nomqeqeshi omusha u Springs Phakathi. Uthi uzoke athi ukugxilagxila kumabanga amade emgwaqeni (marathons) ukuze athi ukuthola isipiliyoni.

Kanti ucacisile ukuthi uziqeqesha nabanye abasubathi abafana noJoel Mmone noThabang Mosiako.

“Mina ngifuna ukuwina iCape Town marathon kodwa-ke futhi mangicacise nokuthi uma kwenzeka ngendlela esihlele ngayo amehlo ami noma mangithi sesibenzela noma sesibheke ama Olympics ka2020 eTokyo (e-Japan)”.

Kanti i-Grand Prix Series yodumo izoqala ngo March 1 eGoli.

Kanti umjaho wesibili walomqhudelwano uyoba seTshwane ngoMarch 8, kanti eyokugoqa iyoba

sePaarl eKapa ngoMarch 22.

Eminye imijaho ezoheha amehlo kulonyaka ama SA Senior Championships ngoMarch 15- 17, ama World Indoor Championships e Birmingham (­England) ngo March 2-4 kanye nama Commonwealth Games e Australia ngo April 4-15.

Umongameli we-ASA uSkhosana uthi nje: “Kulesizini kuyokhetha ukhethi, ziyodlana imilala kanti nabalandeli bezokusubatha bazobhema bakholwe.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.