Izinhlolikhono zamaqembu ebhola elikhokhelayo: ubabona kanjani abakhohlisi

2018-02-07 06:01

I-EDENDALE Football Association (EFA) ifisa ukudlulisa isexwayiso kubazali nabadlali abancane abasafufusa endimeni yebhola likanobhutshuzwayo.

I-EFA isiyithole kaningana imibiko eqhamuka kubaqeqeshi babadli abangaphansi kwalo-association yezinhlolikhono (football scouts) ezingagunyaziwe futhi ezingekho emthethweni ezizokhohlisa ziphinde ziqole abazali nezingane zithembise izinto ezingekho.I-EFA ithi kumele ugade ukuthi lezi zinhloli zikutshela ukuthi zingakwenzelani.

Kunezinhloli zangampela kanti futhi kunezinhloli ezidlala ngabantu. Kanti futhi kunezinhloli ezifuna ukwenza imali nje ngabantu abangazi lutho. Kumele uzivikele kulabo abafuna nje ukwenza imali.

Nazi izindlela ongabona ngazo ukuthi umhloli udlala ngawe:

•Ukuthi bakhokhele khona bezokubeka ethubeni lokusayinwa iqembu elikhokhelayo.Bathi leyomali izosetshenziselwa i-transport nezindleko zokulimala

•Ukuthi bazokuqeqesha ngokuhlukile ukuze uhehe amaqembu asezingeni eliphezulu

•Baphatha omazisi abangathembisi abakhombisa ukuthi bahamuka kwiqembu thizeni elisemazingeni aphezulu

•Bakukhombisa noma bakunika incwadi abathi iqhamuka kwiqembu thizeni (elikhokhelayo)

•Bagqoka umfaniswano weqembu abathi baqhamuka kulo

•Bathi bazokuyisa kwama-trial eqembu likanobhutshuzwayo eGoli (noma kwesinye isifundazwe)

•Baxhumana nawe ezinkundleni zokuxhumana (Facebook,Twitter)

I-Edendale Football Association inxusa abazali nezingane ukuthi ziqaphele ukuze zigcine ziphephile:

•Ungavumi ukuthi umuntu othile ugumhloli ngoba esho njalo

•Cela ukuthi akukhombise okuwumazisi waleliqembu athi uqhamuka kulo (uwubhekisise)

•Bhekisisa umfaniswano awugqokile (ukuthi uwugqokile akuchazi ukuthi ulimele lelo qembu)

•Xhumana neqembu athi uqhamuka kulo ngqo ukhulume nomuntu ophethe

•Ungamdluliseli mali yinganoma yisiphi isizathu – izinhloli zeqiniso azizibandakanye nokukhishwa kwezimali

•Ungayindawo naloyomhloli – ikakhulukazi uma kungaziwa ukuthi ulaphi futhi uyaphi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.