Izintombi zimashele esiShayamthetho

2018-11-21 06:01
IZITHOMBE: lethiwe makhanyaIzintombi ngaphandle kwesiShayamthetho.

IZITHOMBE: lethiwe makhanyaIzintombi ngaphandle kwesiShayamthetho.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMATSHITSHI kanye nabaphathi bawo sebesabise ngokuthi angeke baze bavote ngonyaka ozayo uma kungukuthi uyaqhubeka uyaphasiswa umthetho othi akuyekwe ukuhlolwa kwezintombi nto.

La matshitshi, abephuma ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika, amashele esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesithathu olwedlule mhla ziyi-7 kuLwezi (November) lapho kade ezozwakalisa khona ukungenami kwawo ngesinqumo esithathwe yi-UN sokuthi kuyekwe ukuhlolwa kwezintombi.

Lezi zintombi ebezihlobe ziphelele ngobuhlalu bezimasha zihamba zibhikla ingoma zisuka enkundleni yezemidlalo i-Deles Park zaze zafika esiShayamthetho nalapho kade zihambise khona uhlu lwezikhalo zazo.

UDkt Nomagugu Ngobese nokunguyena umphathi wezintombi, uthe abaneme neze ngalesi sinqumo kant bazolwa kuze kufike ekugcineni ngoba ukuhlolwa kwezintombi wusiko lwabo angeke baze bavume ukulephucwa abanye abantu.

Uthe: “Angeke size sicele amasiko ethu kwabanye abantu bakwezinye izizwe. Sizoqhubeka nesiko lethu lokuhlolwa kwezingane ngisho kunjani. Asikaze sibizwe nakanye thina kule mihlangano yabo abathatha kuyona izinqubo bafika sebesitshela ukuthi kumele senzeni sikhathele yilokho ke manje. Le nto yabo abayenzayo idicilela phansi izingane zethu. Bafuna ukuthi izingane zethu zibe ngabafazi kungakafaneli.

“Umongameli simunikeza izinsuku ezili-10 ukuba aphendule izikhalazo zethu okanye angeke size sivote. Asijabulile neze nje ngalesi sinqumo sabo futhi asihambisani naso asivumi,” kubeka yena.

Lesi sinqumo siphume emasontweni amabili edlule nalapho le nhlangano ibikhala khona ngokuthi izingane ezihlolwayo ziyahlukumezeka ngesikhathi zihlolwa.

Ezinye zezintombi nto ezikhulume ne-Echo nazo zithe azeneme neze ngalesi sinqumo kanti futhi zizokwenza konke okusemandleni ukusilwisa. Lezi zintombi bezishaya phansi ngonyawo zithi angeke zize zikuyeke ukuhlolwa zona.

UNks Thokozani Ngcobo uthe: “Sifuna ukuzwakalisa uvo lwethu nathi ukuze bezokwazi ukuthi kasihambisani nalo mthetho wabo othi asiyeke ukuhlolwa.

“Lena ngenye indlela esithumela ngayo umyalezo wokuthi angeke size siyivumele le nto abayishoyo. Uma kungukuthi abasilaleli sizolivala lonke leli lizwe. Asijabulile futhi asenelisekile.”

UNks Slindelo Ngobese uthe: “Asijabulile. Njengoba simasha yingoba silwela amalungelo ethu kanye namasiko ethu nathi. Siyakuthanda ukuhlolwa futhi sizoqhubeka sikulwele.”

UNks Nombulelo Nxele yena uthe bona angeke baze balilahle usiko lwabo kanti futhi angeke baze bakuyeke ukuhlolwa bazoqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.