Izobe ibambene ngemiqala kweye-Nedbank Cup

2018-03-14 06:02

KULINDELEKE ukuba kushikishe ufudu emidlalweni elandelayo ye-Nedbank Cup.

Abathandi bebhola kulesiFundazwe bazogcina bengasazi ukuthi kufanele balandele amaqembu abo akwi-PSL noma basale bexhasa lawa asekhona kodwa abe evela emazingeni aphansi njengo NFD.

Kusasa (ngoLwesihlanu) amathemba ase-KZN AmaZulu azobe ebhekene neqembu laseKapa i-uBuntu Cape Town eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngo-8 ebusku. Umqeqeshi woSuthu uCavin Johnson uthi ezakhe azibhekile ukukhetha amabala emiqhudelwaneni ngoba phela bonke basebholeni elikhokhelwayo.

Ngokusho kwakhe nayo i-Nedbank Cup bayayihlonipha futhi bazobe bedlalela ukudlulela emlenzeni olandelayo. “Kungabe senza iphutha elikhulu uma sithi lapha sizoya nje kodwa izinhliziyo zethu zibe zingekho khona. Kuthina njenge kilabhu endala nehlonishwayo kulesi sifundazwe, sizodlalela ukunqoba amaqembu siwahlonipha wonke.”

Omunye umdlalo okubhekeke ukuthi uhlukanisa i-KZN uzobe uphakathi kwe-Royal Eagles (NFD) ne-Maritzburg United. Lo mdlalo uzodlalelwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ligamenxe elesithathu ntambama.

Phela lamaqembu womabili azinze eMphithi noMgungudlovu (Maritzburg) kanti kwesinye isikhathi bake babonakale beqhudelana ngokwamanani abalandeli.Okumnandi ngabadlali bala maqembu womabili kanye nezikhulu zawo athi nje abantu abeze bazozibonela ibhola elinenkosi phakathi.

Kanti omunye umdlalo ozoba seThekwini obhekeke ukuthi uhehe izinkulungwane zabalandeli ozobe uphakathi kwe Kaizer Chiefs kanye nabafana abavela emasimini ewayini i-eStellenbosch FC.Lo mdlalo uzobe udlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngo-8.15 ebusuku.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.