Izokhipha icwecwe elisha i-Suga Boyz

2018-06-06 06:00
isithombe: sithunyelweKwesokunxele uMnuz Njabulo Ngubane ‘Silent Killer’ noMnuz Thokozani Xaba ‘Mc Killer’ abaziwa nge-Suga Boyz.

isithombe: sithunyelweKwesokunxele uMnuz Njabulo Ngubane ‘Silent Killer’ noMnuz Thokozani Xaba ‘Mc Killer’ abaziwa nge-Suga Boyz.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU le-hip hop laseMbali i-Suga Boyz elihlanganise u-‘ Mc Killer’ no-‘ Silent Killer’ lizokhipha icwecwe labo elisihloko sithi I-Weave kababy ngoLwesihlanu mhla ka-1 kuNhlangulana (June) nalapho besebenze khona noBhizer odume ngengoma ethi Gobisiqolo.

UNjabulo Ngubane ‘Silent Killer’ waseMbali BB noThokozani Xaba ‘Mc Killer’ waseMbali Unit 13 nabaduma ngeculo elithi Wadlala ngami ngo-2013 bathi bajabule kakhulu ngaleli cwecwe futhi bayathemba ukuthi umphakathi uzolwamukela ngesasasa elikhulu.

Bekhuluma ne-Echo uMnuz Ngubane uthe inhloso yaleli cwecwe ukuqwashisa abantu ukuba baqaphele ama-weave njengoba amaphara edlangile ephuca abantu bewagqokile.

“Seziningi izigameko sizizwa ngamaphara ephuca abesimame ama-weave abo bewadayise ngemali encane ngoba efuna ukubhema izidakamizwa. Sifuna abantu beqaphele bazi ukuthi lezi zinto ziyenzeka.

“Sifuna bazi nokuthi yiziphi izindawo eziphephile lapho bengawa gqoka khona ama-weave abo. Lezi izinwele zibiza kabi futhi akekho umuntu ongaphatheka kahle uma entshontshelwa into yemali engaka, ngenxa yokuthi akekho umuntu omexwayisile ngalo mkhuba omusha wamaphara,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi kubajabulise kakhulu ukuthi bekwazi ithuba lokusebenzisana nomculi ofana noBhizer.

“Lokhu kuyakhombisa ukuthi sesikhulile emculweni. Siyazi ukuthi abantu abaningi basazi njengabantu abagxile kakhulu emculweni we-hip-hop kodwa kule ngoma bazozwa okuhlukile njengoba ihlanganisa negqom.

UBhizer ungumculi wegqom kanti sibone kuyi wona mculo odlisa kakhulu kulesikhathi samanje nesithemba ukuthi uzosisebenzela ekutheni sithole abalandeli abaningi siphinde sikwazi nokufaka labo abathanda uBhizer ukuze bangazizwa bevaleleke ngaphandle.

“Kusithathe cishe amasonto amabili ukuthi sihlanganise konke, futhi sisebenze kahle kakhulu noBhizer. Siyafisa ukuthi siphinde siqhubeke sisebenzisane nabanye abaculi abadumile ukuze sizothuthuka.

“Ukuqopha e-studio okungasona esethu kusivule amehlo kwasikhombisa nokuthi sihamba ngendlela okuyiyona.

“Into eyenzekayo ukuthi thina njengabaculi abasakhula siyaye sizitshele ukuthi laba asebephumelele ingoba basebenzisa imishini emikhulu ukuqopha, kanti cha basebenzisa yona le esiyisebenzisa emalokshini okusho ukuthikumele silinde nje isikhathi sethu siyeza,” kubeka yena.

Bakhipha leli cwecwe nje i-Suga Boyz isanda kukhipha i-album ekuqaleni kwalo nyaka esihloko esithi Last Hope.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.