Izokwethulwa incwadi efundisa ngokushintsha kwesimo sezulu

2020-03-25 06:04
ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAUMnu Scelo Jili.

ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAUMnu Scelo Jili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI osanda kukhipha incwadi uthi unethemba lokuthi incwadi izoletha ushintsho ezimpilweni zabantu.

UMnu Scelo Jili wasendaweni yaseMafakatini usanda kukhipha incwadi eyinoveli esihloko sithi uMhlaba Ofile ngenyanga kaNhlolanja (February) kanti izokwethulwa ngokusemthethweni mhla ziyi-9 kuNhlaba (May) emtapweniwolwazi iBessie Head.

Ekhuluma ne-Echo uthe le ncwadi yehluke kakhulu ngoba iveza kakhulu izinsizwa zase-Afrika ezigogode eMelika kakhulu ngolwazi lwasemkhathini (Astronomy) zafunda nangeminye imihlaba (Planets).

UJili uthe kumthathe izinyanga eziyisithupha ukuthi aphothule ukubhala lencwadi kwazise ibidinga ukuthi enze ucwaningo.

“Le ncwadi eyokubheka ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu (climate change) kudlalwa yin? Nokuthi eminyakeni ezayo kuzoba nomthelela onjani emhlabeni esikuwo kanjalo nokuthi ososayensi banaluphi uhlelo ukusiphephisa kulesimo,”kusho yena.

Uthe into emenze ukuthi abhale lencwadi ukuvula abantu amehlo ngesimo semvelo nokuguquka kwesimo sezulu.

“ Ngifuna ukuthi abantu bakithi bebala elimnyama babe nolwazi ngokuthinta eminye imihlaba ngoba lemikhakha ivame ukuthandwa kakhulu abamhlophe.Nokuthi njengoba singena esigabeni se-fourth industrial revolution abantu bazijwayele izinto ezithinta ubuchwepheshe nesayensi singasaleli emuva,” kusho yena.

Uqhube wathi ujabule kakhulu ukuthi agcine esekwazile ukuthi akhiphe le ncwadi kwazise bekuyisifiso sakhe ukuthi abhale incwadi ngelinye ilanga.

“Uthando lwami lokuthanda ukubhala luqale ngisasesikoleni ngibhala izindatshana ezimfishane emncintiswaneni weLanga Newspaper. Indatshana yami yadla umhlanganiso lapho ngoSeptember 1992 ngiseyingane.Ngaphinda ngabhala izincwadi eziya kumhleli emabhukwini afana noDrum,True love, Pace Magazine ne Echo.

Ngangimangaliswa ukuthi izincwadi zami zaziqokwa njalo ukuthi izincwadi ezivelele (letter of the week).

“Ngazinikela lapho-ke ukuthi ngibhale imidlalo yomoya ngingabe ngisama. Bengibuye ngibhale izindaba zomphakathi ephephandabeni i-Echo eminyakeni edlule uma ngabe ngithola isikhathi.”

Ngaphandle lokubhala izindatshana, uJili useke waba umbhali wemidlalo yomoya emisakazweni ehlukene okubalwa uKhozi FM,Ligwalagwala FM,Ikwekwezi FM ne-Khwezi FM.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.