KONAKELEPHI MA–AFRIKA Indaba yabazalelwe ekhaya iyaqhutshwa >> Umdeni wentomib ekhulelisiwe >> Inhlawulo >> Ukuphathwa nokukhuliswa kwengane Isiqephu sesithathu>>

2016-03-02 06:00

Umuntu uphathwa akhuliswe esesesiswini sikanina. Uphathwa yiThongo lalapha ekhaya kubo kanina. Limvikele esesesiswini sikanina. Limvikele ukuba angahogeli imeqo nemikhondo emibi eyeqiwa unina ukuze atete kahle uma kufika leso sikhathi. Athi lapho esezelwe limqhube ngempilo limvikele ezinyokeni lapho ehamba khona nasemikhuhlaneni ehamba ngomoya. Ukukhulisa umuntu akugcini nje kuphela ezintweni eziphathekayo ezidiinga imali njengokudla, izembatho, ukufunda nokuya kodokotela nendawo yokuhlala. Cha kujulile kunaloko. Imithetho yomuzi umuntu akhuliswa ngayo, nenkolo yekhaya nokunye konke loko kubalulekile ekukhuliseni umuntu. Yikho lokho okwenza umuntu ahluke komunye umuntu. Ukuthi ukhuliswe obani. Ungowakwabani. Le ngane ingeyalapha ekhaya kubokanina ngokuphelele. Akukho ukuhlupha nangesibongo sayo.

Ukuthi uyise wengane etholelwe ekhaya wahlawula wenza konke akusho ukuthi le ngane ayishintshe esibongweni sikanina iye kwesikayise. Uyise wayengahlawuli ingane wayehlawula icala alenzile lapha ekhaya. Lokhu sikusho ngoba abaningi babambelela kulokho, uzwe bethi le ngane yahlawulwa manje ayishintshe nesibongo, lokhu kuyidalele izinkinga ingane.

Kuhle nje ingane yaziswe isibongo sikayise lapho isikhulile ukuze yazi ukuthi abantu besibongo esithile bayigazi layo ingeze yahlobana nabo ngokobulili noma ukuganana.

Kubalulekile ukuthi ingane ikwazi lokhu ngabo abadala balapha ekhaya ngendlela ehloniphekile. Akufuneki ize izitholele. Malingahlanekezelwa futhi iqiniso kuthiwe ugogo wengane unina, kuthi unina kuthiwe udadewabo. Kubi lokho ngoba uNkulunkulu nezinyanya banendlela yabo yokuveza iqiniso ekugcineni bese lokho kudala umoya wokungezwani ekhaya. Lokhu phela kwenza ingane ingabe isabathemba abantu abadala balapha ekhaya bese idlebeleka kakhulu. Uma izwakalisa isifiso sokubazi abakubo kayise noma uyise kuhle kuhlelwe lokho abadala ukuba kwenzeke ukuze umoya wayo uthobeke.

Okunye okuhluphayo yile ndaba yokuthi le ngane ilokhu igcaluziswa phakathi kwale mizi yomibili ngoba kuthiwa nalaphaya kubo kayise yikubo. Kuhle kukhunjulwe ukuthi le mizi yomibili ayizona izihlobo. Ayifani nemizi eganiselene, kulandelwa umthetho kaMvelinqangi neThongo. Manje ukwehla kwenyuka kwengane phakathi kwale mindeni yomibili kuyosheshe kwenze nokushayisana kwezimfundiso (conflict of values) zale mizi kanti sekunamabomu.

Lokhu kukodwa kuyayidalela izinkinga ingane. Kutholakale sekukhona umbango wezidalwa, ubangwa yikho ukuthi itholakala nxazonke ngaso sonke isikhathi. Abanye abantu abazalwa abantu abashadile kodwa bekhulele emakhabonina kusukela bebancane bayaba nenkinga yokubangwa izidalwa uma sebekhulile. Uzwe ethi umuntu ngakhulela komalume kwasekuzalweni kwami ngezinkinga ezithile, mhlawumbe kokunye kukuhle nje. Athi lapho esakha umuzi kube nombango wezidalwa. Kuze kokunye kudinge ayokhishwa laphaya ekhabonina sekulandelwa imigudu efanele. Ingani phela ubangwa nje yibo abamkhulisile. Isazoqhubeka.

Ukubhebhethekiswa kwezinkinga zengane kudalwa yimindeni yomibili. Lapha siqhuba ingxoxo yoshicilelo lwenyanga edlule lapho kade sixoxa ngenkinga noma izinkinga ezibhekene nabantu abazalelwe ekhaya. Namuhla sizobheka ukuthi ezinye zalezi zinkinga zisukaphi. Ngaphambi kokuba siqhubeke kahle, asiziqoqe lezi nkinga singakafiki kuwo umsuka wazo.

Noma singeziqede zonke, kodwa lokhu kuvamisile kakhulu; ubunzima ekwakhiweni komuzi yilezi ngane, kungasebenzeki, izidakamizwa nophuzo, ukuphazamiseka komqondo, ukutholakala emacaleni njalo, izifo ezingelapheki, izingozi, nokungenwa inhlabathi.

Ukungenwa inhlabathi kusho ukungenwa idlozi. Lokhu kuvamisile kumuntu ozalelwe ekhaya.

Idlozi likwenza ngamabomu lokhu ngenxa yezizathu ezithize. Phela laba bantu banenhlanhla emangalisayo yokuzalwa uma izinto zabo zimiswe kahle futhi bayathandwa yithongo. Uma kulandelwa umthetho wempilo yethu njengama-Afrika wonke umuntu othintwa ilesi simo uyazi ukuthi kunendima okufanele ayidlale. Angiphinde ngithi uma kulandelwa umthetho nenqubo yamathongo nezingelosi zeSizwe okungumthetho kaMvelinqangi, wonke umuntu ufuna indawo yakhe nendima yakhe. Ongazi abuze ukuthi uma sekunje kwenziwa njani. Lokhu kwenziwa abadala bale mizi enezingane ezikhulelisene. Ngikusho lokhu ngoba izinkinga eziningi zisuka kubo ubudlabha ekuphatheni lezi zindaba.

Indaba yokukhulumisana ifanele iqalwe umndeni wentombazana ekhulelisiwe. Emva kokuthola komndeni ukuthi ingane isikhulelwe, kufanele umndeni uhlangane kukhethwe abantu besifazane abadala abazoya kobika isisu kubokamfana owenze lokhu. Umthetho uthi isisu kuhle siyobikwa. Uma umndeni uphuma uyobika isisu usuke uhambisa iThongo lalo muzi, ufuna liyobikela elaloya muzi wakubokamfana ukuthi ingane yabo seyonile lapha ekhaya. Ngenye indlela lisuke liyoyimangalela ingane eThongweni layo ngesenzo esenzile. Makungathenjwa ukuthi izingane lezi zizoyikhuluma zizodwa ngale elawini le ndaba noma laphaya esikhotheni. Lena indaba yomuzi efanele iphathwe abantu abadala.

Uma udaba selukhulunyiwe kubokamfana amathongo nezingelosi zekhaya abe eseyidlulisela kuMvelinqangi, uNkulunkulu wawokhokho. Noma isisu usivumile noma usiphikile umfana. Manje imindeni eminingi namuhla ayisibiki isisu ngendlela.

Uma sekudlulwe kulesi sigaba sokubikwa kwesisu, kube sekuhlelwa ukuba abakubokamfana beze phela bazohlawula.

Lapha kuyaxoxiswana kuvunyelwane ngaloko okufunwa yilaba bazali bentombazana. Inhlawulo yonke nenqubo yayo ivela kulaba bazali bentombazana.

Ngifisa sikugcizelele lokhu ngoba kuvamile ukuthi abantu uzwe bethi, cha thina kithi noma ngakithi asikwenzi lokho, senza lokhu. Lokhu kuvela noma sekulotsholiswana.

Awenzi okwangakini noma okwakini emzini wendoda kodwa wenza lokho indoda ekufunayo emzini wayo ngengane yayo. Lokhu sikusho sazi ukuthi bakhona abantu abathi ngibonwa yini afune ukuqeda izinsizi zakhe zeminyaka ngalesi simo sengane yakhe.

Lokhu bakwenza noma kulotsholiswana. Kubi lokho. Lapha kugcinwa isiko. Kuhle abahlawulisanayo babuze kwabaziyo uma sekuhlawuliswana ukuze kungenzeki iphutha lokuthi kusale izimfanelo ezibalulekile eThongweni.

Yizo phela lezi zinto ezidala udungunyane eThongweni bese zehlela enganeni ezelwe.

•Inyanga uHluloluhlulayo utholakala ku-072 957 9388 noma ushayele i-Echo ku-033 355 1267 noma ubhalele i-Echo ku-news@myecho.co.za
noma ku-PO Box 362, PMB, 3200.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.