Kubanjwe inhlokokhono yozime eCity Hall

2019-03-20 06:00
PHOTO: lethiwe makhanyaKubanjwe inhlolokhono yozime eCity Hall.

PHOTO: lethiwe makhanyaKubanjwe inhlolokhono yozime eCity Hall.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUQALILE ukulungiselela uzime owaziwa ngokuthi i-Face of SA High Schools njengoba kubanjwe inhlolokhono yokuqala yokukhetha izintokazi ezinoncintisana kulozime mhla zingama-29 Nhlangulana (June) kuwona lonyaka.

Lo zime usungulwe inhlangano engenzi nzuzo i-Dream Leaders Foundation kanti kuhloswe ngawo ukukhuthaza kanye nokuthuthukisa intsha esesesikoleni endimeni yezokumodela.

Inhlolokhono yaseMgungundlovu ibanjwe ngoMgqibelo mhla ziyisishiyagalolunye kuNdasa (March) e-City Hall.

Ngokusho komunye wabahleli balo mcimbi uMnu Clive Hadebe uthe njengoba sebeqalile ukwenza inhlolokhono eMgungundlovu sebezodlulela kwezinye izindawo kodwa wakuqinisekisa ukuthi owamanqamu uzoba khona eMgungundlovu .

“Njengoba kuzophela inyanga kaNdasa sizoya endaweni yase-Dundee, siphinde sidlulele e-Cape Town kanye naseGoli ukuyothola izintokazi ezizobanga lesi sicoco.

“Inhloso yethu enkulu ukuthi sikwazi ukunikeza izingane ithuba lokuthi bakwazi ukukhula kule ndima.Ngaphandle kwaloko sizobe sesibakhulisa thina sibafundisa nangezinto ezehlukene mayelana nendima yezokumodela,” kubeka yena.

Uthe abantu abaphumelele kulenhlolokhono bebengakamenyezelwa okwamnaje kodwa wathi bazokwaziwa ngemiqhafazo bonke labo abazodlulela esigabeni esilandelayo nokungumncintiswano wamanqamu.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.