Kube nengxoxo ngokusabalaliswa kwama-condom ezikoleni

2018-05-30 06:00
Abantu abaphuma ezinhlanganweni ezahlukene ekade beyingxenye yengxoxo emtapweni  wolwazi e-Eastwood ngoLwesihlanu olwedlule.ISITHOMBE: sithunyelwe

Abantu abaphuma ezinhlanganweni ezahlukene ekade beyingxenye yengxoxo emtapweni wolwazi e-Eastwood ngoLwesihlanu olwedlule.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO elwa nokukhulelwa kwabantwana abaneminyaka ephakathi kweyi-13 kuya kweyi-19 i-Source of Hope Youth Foundation babe nengxoxo nezinye izinhlangano kudingidwa udaba lokusabalaliswa kwama-condoms ezikoleni.

Le ngxoxo ibise mtapweni wolwazi e-Eastwood ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-18 kuNhlaba (May).

Lokhu kulandela emva kokuba uNgqongqoshe wezeMfundo kazwelonke uNkk Angie Motsega ehlongoze ukuba kusabalaliswe ama-condoms ezikoleni zamabanga aphansi namabanga aphezulu ukuze kuzokwehla izinga lokukhulelwa kubafundi.

Izinhlangano ezingenzi nzuzo ezengamele imiphakathi eyahlukene beziyengxenye yale ngxoxo ukuzozwakalisa ilaka lwazo. UMnuz Njabulo Togane onguSihlalo we-Source of Hope Youth Foundation uthe banqume ukuba nale ngxoxo ngenhloso yokunikeza abantu uthuba lokuthi bazwakalise imibono yabo njengoba bethinteka kakhulu ngalolu daba.

Uthe bekungokokuqala behlela inkulumo efana nalena, kodwa wathembisa ukuthi ngeke kugcine ngayo njengoba bezohambela izikole ukuze abafundi beqhamuka nemibono yabo ngale nkinga.

Uthe: “Siyazi sonke ukuthi kunenkinga yokukhulelwa kwentsha yingakho sivule ithuba elifana naleli ukuthi abantu bazwakalise imibono yabo ngokuthi yini engenziwa ukwehlisa izinga lokukhulelwa kwabafundi ngaphandle kokuthi kusabalaliswe ngama-condoms ezikoleni.

“Siyakholelwa ekutheni kumele sihlangane sonke ukuze sizolwalwa nale nkinga. Le ngxoxo ibisayisiqalo fithi sizoqhubeka. Uma sesiyiqhuba sifuna kube khona neminyango kahulumeni ehlukene ikakhulukazi uMnyango wezeMfundobechaze ngalo mthetho," kubeka yena.

UMnuz Mzwandile Goge we-Moral Regenaration Movement nobeyingxenye yale ngxoxo uthe bakujabulele kakhulu ukuthi kube khona into efana nalena emphakathini .

Uthe lokhu kubanikeze ithuba lokuthi baphakamise imibono yabo njengamalungu omphakathi nezinhlangano zasemphakathini .

“Kuningi kakhulu osekwenzekile mayelana nodaba lokukhulelwa kwentsha. “Sidingida ukuthi nje singalehlisa kanjani izinga lokukhulelwa kwanafundi.

“Yingakho kubalulekile ukuthi nathi sibandakanywe ekuthathweni kwalezi zinqumo ngoba zithinta thina kanye nezingane zethu kanye nezingane zasemiphakathini yethu,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.