Kubhekwa ozovala isikhundla kwi-Fifa

2018-07-18 06:00


INHLANGANO ephethe ibhola lezinyawo kumazwe angomakhelwane neMzansi iCouncil of

Southern African Football (Cosafa) kule zinsuku imatasatasa izama ukuvala isikhala esibalulekile esivuleke enhlanganweni eyengamele ibhola lomhlaba iFifa.

Ngokusho kwale nhlangano lesikhala kuzofanele sivalwe isikhulu esinesipiliyoni nesithenjwayo.

Selokhu lesikhundla savuleka, iCosafa isithole izincwadi zezicelo ezintathu ezivela ebantwini abafuna ukuvala lesikhala enhlanganweni yomhlaba.

Abathandi bebhola, ikakhulukazi abakhele amazwe angaphansi kwe-Cosafa, bazokhumbula ukuthi lesikhundla savuka ngesikhathi owayengu mengameli we-Ghana Football Association uKwezi Nyantakyi esula emva kokubanjwa oqotsheni nalapho abonakala khona emshinini wezithombe emukela imali elinganiselwa ku-$65 000 (R876 000).

Lomlisa wayebuya abe yisikhulu esiphakeme kwi-Confederation of African Football (Caf), nekuyinhlangano ephethe ibhola eAfrika yonkana.

Kanti lesikhulu sasula ngokusemthethweni emasontweni edlule ngaphambi kokuqala kwalomqhudelwano webhola lomhlaba eliqhubekayo eRussia i-2018 Russia World Cup.

Lokhu kwabuye kwafakazelwa uMengameli we-Caf uAhmad Ahmad eMoscow, owabuye waqinisekisa ukuthi lesikhundla sizobe sibangwa izikhulu ezivela emazweni akhuluma ulimi luka King George, isingisi phela.

Ukukhethwa kwezikhundla kuyoba ngomhla ka-30 kuMandulo (September) eCairo.

Kanti ngesonto eledlule uMengameli we-Cosafa nozinze eZimbabwe uPhillip Chiyangwa uthumele umyalezo obhalwe phansi kuzozonke izinhlangano eziyi-14 azengamele nalapho ekade ebakhumbula ngosuku lokuvalwa kwezicelo.

Uthe: “Njengoba nonke nazi, usuku lokuvalwa lokwamukelwa kwezicelo kuzoba ngomhla ka-20 kuntulikazi (July).

“Ngo February 2016 sonke savumelana ukuthi uma kunesikhala esifana nalesi, iCosafa eyonikwa ithuba lokukhetha noma ukuvala lesikhundla kuqala. Niyanxuswa nonke ukuxhasa lesosikhundla okuyovunyelwana ngaso.”

Kanti oyi-CEO kwi-South African Football Association (Safa) uSue Destombes naye ukuqinisekile ukuthi ihhovisi lakhe selizitholile izicelo ezintathu nezivela kubantu abahlukene.

Ubuye wanxusa wonke amazwe nezinhlangano ezingaphansi kweCosafa zilinde zibambe nomoya ngoba imibiko eyiqiniso neqondile iyophuma ehhovisi lakhe.

“Uma kuzokhethwa izikhundla kuningi ozokuzwa nokuvamise ukuthi kungabi yiqiniso. Yileli hhovisi kuphela elizokhipha izimemezelo noma imibiko eqondile,” kusho lentokazi.

Kanti uMengameli webhola laseMzansi uMnuz Danny Jordaan uvumile ukuthi kukhona amadoda ambalwa ebholeni lomakhelwane nangaphansi kwe-Cosafa neAfrika yonke amucelile ukuthi angenele lolukhetho, wase evuma-ke.

Isitatemende sakhe sifundeka kanje:

“Nginxenxwe ngayalwa abantu abaningi baseAfrika yonkana bengincenga ukuthi ngingenele lolukhetho, ngivumile-ke.”

Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Jordaan kade ezama ukungena kwi-Caf kanti nakwi-Fifa wazama kabili ngesikhathi kwakusaphethe loyamlisa wase-Cameroon uMnuz Issa Hayatou nowaye namandla ayisimanga.

Kanti uMnuz Jordaan ulifulathele leli laseMzansi ngoLwesihlanu olwedlule waya eMoscow (Russia) nalapho bemenywe yi-Fifa ukuzobuka imidlalo eyendulela eyamanqamu (semi finals) kanye neyamanqamu (finals).

Phela bonke omengameli bebhola bawo wonke amazwe bamenywe yi-Fifa emcimbini, kanti isimemo sivele ngqo kusigqoko ka-Fifa, uMengameli uMnuz Gianni Infantino.

Kanti uMnuz Jordaan usekuqinisekile ukuthi i-Safa uzomeseka uMnuz Infantino ukuthi abuyele ihlandla lesibili kwi-Fifa ngoba phela uthengise unododa wabhekana ngqo nezinkinga ebeziphazamisa ibhola lom- hlaba.

Njengoba esathe shelele uMnuz uJordaan, ozosala ebambhile okwesikhashana yisekela lakhe nelisanda kukhethwa uMnuz Gay Mokoena.

Ngo February 2016 sonke savumelana ukuthi uma kunesikhala esifana nalesi, iCosafa eyonikwa ithuba lokukhetha noma ukuvala lesikhundla kuqala. Niyanxuswa nonke ukuxhasa lesosikhundla okuyovunyelwana ngaso

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.