Kubhidlizwe izitolo ezingekho emthethweni

2018-06-20 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaNgesikhathi uMasipala uMsunduzi ubhidliza zonke izakhiwo ezingekho emthethweni ngoLwesine olwedlule.

isithombe: lethiwe makhanyaNgesikhathi uMasipala uMsunduzi ubhidliza zonke izakhiwo ezingekho emthethweni ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BASALE bengenalutho abadayisi basemgwaqeni abadayisa ngokungekho emthethweni edolobheni laseMgungundlovu.

Lokhu kulandela emuva kokuba uMasipala uMsunduzi uhlele umkhankaso wokukhuculala idolobha ngokuthi ubhidlize zonke izakhiwo ezingekho emthethweni uphinde ususe nabantu abadayisa emgwaqeni ngaphandle kwemvume ngoLwesine mhla ka-7 kuNhlangulana (June).

Lo mkhankaso uqale emgwaqeni u-Garfield Street phakathi kukaLangalibalele kanye no-Pietermaritz Street waqhubeka ku-Retief Street.

Ibamba le menenja lakwa-Economic and Sustainable Development kuMasipala uMsunduzi uMnuz Radha Gounden uthe lona umkhankaso wokuhlanza idolobha ngokuthi basuse zonke izakhiwo ezingekho emthethweni.

Uthe lezi zakhiwo ezingekho emthethweni kanye nalabo abadayisa emgwaqeni ngokungekho emthethweni bangcolisa idolobha kugcine sekugcwele udoti yonke indawo.

Uthe: “Izitamukoko zivalekile ngenxa yadoti olahlwa ilabantu abasebenza ngokungemthetho. Kuxhunywa ugesi namanzi ngokungekho emthethweni. Sifuna ukubuyisa idolobha lethu kanye namalungelo abantu bakuleli dolobha ukuze bezokwazi ukuthi bahambe ngokukhululeka edolobheni labo.Sizobuya njalo ngesonto ukuzohlola isimo nokwenza isiqiniseko sokuthi abekho abantu abakhe izakhiwo ezingekho emthethweni,” kubeka yena.

UMnuz Gounden uthe babhidlize izitolo ezingaphezu kweziyi-6 okubalwa kuzona ezidayisa izithelo kanti ezinye bezisetshenziselwa ukuluka kanye nokugunda amakhanda emgwaqeni u-Garfield Street.

Uthe ukudla lokhu abakutholile bazokuthatha bahambe bayokulahla lapho kulahlwa khona udoti ngoba lokudla akunalo usuku lokonakala [expiry date].

“Sithole nokuthi bekunogesi oxhunywe ngokungemthetho kodwa sikulungisile konke lokho. Sithole nokuthi kukhona isitolo ebesixhume ngokungemthetho ugesi kulabo abebenezakhiwo ezingekho emthethweni. Singumasipala sizomthathela izinyathelo ngalesi senzo sakhe.”

Uthe ngaphambi kokuba bebhidlize zonke izakhiwo ezingekho emthethweni baqala banikeza abanikazi bazo isexwayiso ezinyengeni ezine ezedlule waphinde wabuya yena emasontweni amathathu edlule ezobatshela, kodwa abanikazi balezi zakhiwo bayakuphika lokho.

UMnuz Morris Mapumbu nobenendlu yokugunda amakhanda abantu uthe bashayekile kakhulu ngesenzo sikamasipala.

Uthe useqede iminyaka eyi-10 eqhuba leli bhizinisi lokugunda amakhanda.

“Nginezingane ezintathu ezifundayo angazi ukuthi ngizokwenzenjani njengoba besibhidlizele bathatha nezinto zethu zokusebenza. Abazange basinikeze ngisho isexwayiso esanele bafike basitshela izolo (ngoLwesithathu mhla ka-6 kuNhlangulana (June) futhi abanye bethu abazange basithole nhlobo isexwayiso,” kubeka yena.

Uthe selokhu afika kuleli dolobha uziphilisa ngokugunda abantu .

Omunye othe udabuka ezweni lase-Congo naye ukhale esifanayo uthi naye uthathelwe yonke into yokusebenza.

“Angazi ukuthi ngizokwenzanjani ngoba ngisho ngingathi ngiyaqala futhi ngiyasebenza ngizosebenza ngani ngoba anginalutho.Siyazi ukuthi singabantu bokufika lapha kodwa kumele basicabangele ukuthi lena indlela esiziphilisa ngayo ngoba imisebenzi ayikho futhi abafuni ukusiqasha,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.