Kuboshwe abangama-25 ngesiteleka

2019-05-22 06:00
isithombe: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi waseMbali Unit 13 ngesikhathi uvale umgwaqo ngoMsombuluko.

isithombe: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi waseMbali Unit 13 ngesikhathi uvale umgwaqo ngoMsombuluko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBOSHWE amalunga omphakathi angama-25 abandakanyeka esitelekeni esimise yonke into eMbali, France kanye naseSlangspruit.

Loku kulandela isiteleka samalunga omphakathi waseMbali Unit 13 ePhase 4, Slangspruit kanye nase-France adinwe avala yonke imigwaqo engenela kulezi ndawo nangamathayi avuthayo, izihlahla, amabhodlela kanye namatshe bekhala ngogesi abathi uhamba njalo, amanzi kanye nezindlu zangasese ezigcwele ezingamonywa.

Lesi siteleka siqale ngoMsombuluko mhla zili-13 kuNhlaba (May) kwaze kwaba uLwesibili sisaqhubeka.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe ababoshiwe baboshwe isiteshi samaphoyisa i-Alaxendra Police Station ngecala lokudala udlame emphakathini.

Lo mphakathi ukhala ngogesi abathi uyabahlupha njalo nabathi kwesinye isikhathi kuke kuphele ngisho isonto bengenawo. Bathi into ebangela lokhu ukuthi isigubhu sikagesi esiphakela umphakathi kule ndawo asisenawo amandla anele ukuba singaphakela wonke amalunga omphakathi ohlala kule ndawo njengoba isibalo sawo sesandile.

UMnu Ras Nathi nongumhlali wasePhase 4 uthe sekunesikhathi eside benenkinga kagesi. Uthe balibikela ikhansela lakule ndawo uMnu Thamsanqa Sithole ngalenkinga kanti nabantu baka-Eskom nabo bafika bezobheka kodwa abaphindanga babuya ukuthi beze bazolungisa.

“I-transformer kagesi wethu inamandla amancane kanti abaka-Eskom abafuni ukusikhuphulela amandla. Seloku kwaqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso kuleya ndawo ugesi uyahlupha uyawa. Sekuneminyaka engaphezu kweyishumi ugesi wakule ndawo uhlupha .

“Umehluko ukuthi ngaphambilini ubuhlupha kakhulu ebusika ngoba abantu abaningi bebebasa kakhulu ngenxa yamakhaza. Kodwa manje sekuyafana usuhlupha ubusika nehlobo akukho labo kungcono khona,” kubeka yena.

Uqhube wathi u-Eskom uyazi ngalenkinga kodwa kuze kube imanje ayikho into abayenzayo.

“Sifuna ukuzama ukukhombisa ukuthi siqinisile ngale nkinga ngoba sibona bengasinakile.Uma ngabe lo gesi usuhamba izinsuku siwumphakathi siyahlukumezeka ngoba ukudla kuyabola. Kukhona nabantu abadala abadla amaphilisi nemithi kanti eminye imithi yabo kumele ihlale kwiziqandisi. Uma ngabe sekuhambe ugesi kuthiwani ke ngalabo bantu nezimpilo zabo?”

Elinye ilunga lo mphakathi lakhona kule ndawo kodwa elingathandanga ukuba kudalulwe igama lalo lithe lona selike laba nenkinga yokuthi ugesi uhambe izinsuku ezinhlanu. “Ukudla kwethu kuyabola. Sipheka ngabogesi nangezitofu zikaparafini nokuyingozi kakhulu. Mina nginengane eneminyaka eli-12 uma ngabe ngihambile ngiye emsebenzini ngiba novalo ukuthi kungenzeka ingozi njengoba ingane ngisuke ngiyishiye ukuba isebenzise isitofu sikapharafini okanye igesi nokuyingozi kakhulu,” kubeka yena.

EMbali akusiyona kuphela indawo ebeyinenkinga yokuvalwa kwemigwaqo kodwa nasendaweni yaseSlangspruit kanye naseFrance nakhona bekuvaliwe abahlali bethi bafuna izimfuno zabo.

Endaweni yase-Slangspruit bakhala ngokuthi bahlushwa ugesi abathi uhleli uhamba bese ubuye usunamandla usulimaza omabonakude babo kanye nezindlu zangasese ezigcwele ezingamonywa. Amalunga akulo mphakathi nawo akhala ngokuthi uma ungena kule ndawo sekunuka iphunga lendle ngenxa yezindlu zangasese ezingekho esimeni.

Endaweni yase-France nabo bakhala ngezinkinga ezifanayo okubalwa khona namanzi abathi kuke kuphele ngisho isonto engekho bese bephoqeleka ukuba bahambe bewacela.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe iMeya ihambile yayohlangana nezakhamuzi ezingeneme kodwa wathi ezinye izakhamuzi bezingafuni ukulalela.

Izolo ngoLwesithathu ekuseni bekuhambeka kulezi zindawo yize kade kusagcwele amabhodlela kanye namatshe emgwaqeni.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.