Kuboshwe abangu-22 ngempelasonto

2017-08-23 06:00

AMAPHOYISA ase Mountain Rise enze umsebenzi oncomekayo njengoba abenomkhankaso ngempelasonto wokubhekana nobugebengu ukuze kuzoba khona ukuthula emiphakathini.

Okhulumela amaphoyisa ase Mountain Rise, uKaputeni G.M. Ebrahim uthe lemizamo yamaphoyisa ngempelasonto ibenomvuzo oncomekayo njengoba kuboshwe abantu abangu-22.

Uthe: “Kukhona ababoshelwe ukuzama ukubulala, ukuhlasela ngenhloso yokulimaza, ukudlwengula, ukushayela imoto uphuze utshwala, ukuthumba, ukuhlasela, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, ukutholakala nezidakamizwa kanye nokweba,” kusho uKaputeni Ebrahim.

Uqhube wathi amaphoyisa aphinde athola i-heroin engu-17, izinhlamvu ezingu-28 zesibhamu i-9mm kanye nohlobo lwe-shotgun.

Umphathi siteshi wase Mountain Rise, u-Brigadier Boxer Pillay uthe umsebenzi owenziwe amaphoyisa ngempelasonto ukhombisa ukuzinikela kwawo amalungu amaphoyisa kanti asebenze kanzima yingakho abakwenzile kuyinto encomekayo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.