Kuboshwe inqwaba ngobugebengu KwaPata

2019-03-20 06:02

KUBOSHWE abesilisa abayisishiyagalombili endaweni yaKwaPata kusukela ngoLwesihlanu kuze kufike ngeSonto.

Laba basolwa okungu Mlondi Ndlovu (22), Philani Eddie Zuma (25), Mbuso Afrika Mkhize (29), Njabulo Wellington Dlamini (29), Sthembiso Sbusiso Mkhize (36), Mthobisi Makhathini (32), Sipho Siyabonga Mchunu (35) noSizwe Sibiya (46) bavele okukuqala eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko mhla zili-11 kuNdasa (March) nalapho kade bebhekene khona namacala amabili okubamba inkunzi kunhlonyiwe kanti uMakhathini yena ubhekene nelinye lokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni eziyisishiyagalombili.

Lama cala kuthiwa enzeka phakathi komhlaka- 7 kanye no-8 kuNdasa (March) kuwona lonyaka endaweni yaKwaDambuza.

UMbuso Mkhize kanye noSizwe Sibiya bayathinteka futhi ecaleni lokubulala lowo owayenguNobhala we-SACP egatsheni lakaVubamasi KwaPata ka-Ward 10 uMnu Mhlengi Khumalo. Ngokwamaphepha asenkantolo kuthiwa mhla ziyisishiyagalombili kuNdasa abasolwa bagasela esitolo esibizwa ngokuthi iMkhaya Store bagqekeza bangena bakhona umnikazi waso ngesibhamu base bethatha izinto ezihlukene okubalwa kuzona imali kanye nogwani nomakhekhukhwini. Isigameko sesibili nesenzeka ngomhaka-7 kuNdasa (March) abasolwa kuthiwa bagasela esitolo iLwandle Tuck Shop khona futhi endaweni yakaDambuza bafike bakhona umnikazi wesitolo ngesibhamu base bethatha izinto ezihlukene imali, ugwayi, impuphu o-10kg abali-10.

Lowo omele umbuso uNks Rene Padayachee uthe umbuso uyaphikisana nokuthi abasolwa badedelwe ngebheyili ngenxa yobucayi bamacala ababhekene nawo.

Uthe futhi kusamele kuqinisekiswe imininingwane yabo abasolwa kanye nezindawo abahlala kuzo, ukuphepha kofakazi kanye nokuphepha kwabamangali.

Icala labo lihlehlisiselwe umhla zili-19 kuNdasa (March) ukuze kuzophenywa udaba lwabo lwebheyili baphinde bafike nabameli babo labo abathe bazothatha abameli abazimele.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.