Kuboshwe isoka ngesidumbu eZinketheni

2018-04-11 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsibaya lapho kwatholakala khona isidumbu sika Nks Mathonsi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIsibaya lapho kwatholakala khona isidumbu sika Nks Mathonsi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUBOSHWE isoka ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane sigqitshwe esibayeni sezimbuzi eZinketheni.

Isidumbu sikaNks Fahlazane Glady’s Mathonsi (54) satholwa sinqunu sigqitshwe esibayeni ngoMgqibelo mhla zingama-24 kuNdasa (March) emzini wesoka ayehlala nalo.

Kwase kuphele isikhathi esingaphezu kwesonto UNks Mathonsi elahlekile.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini i-Mountain Rise uKapteni Gay Ebrahim ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe abasolwa ababili okubalwa khona nesoka lakhe uNks Mathonsi.

“Kuboshwe abalisa abaneminyaka ephakathi kwengama-72 kanye noneminyaka engama-32 ngecala lokubulala uNks Mathonsi. UNks Mathonsi kusolwa ukuthi waklinywa waze washona, isidumbu sakhe sabe sesithelwa ngo-paraffin sashiswa ngaphambi kokuba sigqitshwe,” kubeka uKapteni Ebrahims.

Umphakathi wakulendawo uthi usashaqekile ngokuvela kwezindaba zokuboshwa kwesoka likaNks Mathonsi.

“Umuntu omdala kangaka angayenziswa yini into enjena? Uma kungukuthi bebexabene bebengahlalisana phansi bayixoxe lento besingekho isidingo sokuthi aze ambulale. Waze wazehlisa isithunzi njengoba lo muntu aziwa njengomuntu ozithulelayo nje endaweni, bese kuvele ukuthi wenze into enje? Impela ungabomethemba umuntu,” kusho elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwe igama lalo.

Elinye ilungu lomphakathi nalo elingathandanga ukudalulwe igama lalo lithe ukuboshwa kwesoka lika Nks Mathonsi akulethusanga.

“Ukuthi angabi khona ngesikhathi kufunwa umuntu akade ethandana naye futhi behlala naye endlini eyodwa bekusolisa nje ukuthi kukhona akwaziyo. Uma kungukuthi uyenzile ngempela lento kufanele abhadle ejele akayena umuntu wokuhlala emphakathini uma ekwazi ukubulala ngesihluku esingaka,” kubeka lona.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.