Kuboshwe oyedwa kwabathathu abasolelwe ukuphanga eSlangspruit

2017-07-26 06:03
Isithombe: SithunyelweAmaphoyisa ase Alex abophe umsolwa oyedwa kwabathathu abasolelwa ukuphanga esitolo sowokufika eSlangspruit.

Isithombe: SithunyelweAmaphoyisa ase Alex abophe umsolwa oyedwa kwabathathu abasolelwa ukuphanga esitolo sowokufika eSlangspruit.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABASESHI basemaphoyiseni ase Alex babophe umsolwa wesilisa oyedwa kwabathathu abesilisa abasolelwa ukuphanga esitolo sowokufika eSlangspruit ngeSonto ebusuku, ngomhlaka 16 kuJulayi.

NgoMsombuluko, ngomhlaka 17 kuJulayi, okhulumela amaphoyisa ase Alex, uKaputeni Kholeka Mhlongo uthe lomsolwa ubengaka bekwa icala futhi engakaveli enkantolo kodwa amaphoyisa abesaqhubeka nophenyo.

“NgeSonto ngabo 7:25pm abasolwa abathathu bangene esitolo sowokufika kuleli endaweni yase Slangspruit abamukhombe ngommese baphanga amabokisi kagwayi wezinhlobo ezahlukene kanye ne-airtime konke okubalelwa emalini engu R5498.

Emuva kwalokho abasolwa babalekile endaweni yesehlakalo,” kusho uKaputeni Mhlongo.

Uthe lomsolwa oyedwa uboshwe khona endaweni yase Slangspruit emuva kokuthi amaphoyisa elandele umkhondo kanti amaphoyisa asathungatha abasolwa ababili.

Uqhube wathi yize lomsolwa engatholakalanga nesikhali noma nempahla eyebiwe kodwa ufakazi ukuqinisekisile ukuthi ungoyedwa wabasolwa abathinteka ekuphangweni kwesitolo sowokufika eSlangspruit.

Amalungu omphakathi angaba nolwazi ukuthi abasolwa ababili abathinteka kulesigameko bakuphi banxuswa ukuthi bexhumane namaphoyisa ase Alex kwi nombolo ethi 033 345 7703 noma beshayele inombolo yakwa CrimeStop ku 08600 10111.
Leli phephandaba lithanda ukumema abafundi balo ukuthi bazise ithimba leMaritzburg Echo ngezindaba zobugebengu emiphakathini noma ngezithinta imiphakathi abahlala kuyona ngokusithumelela umyalezo ku: makhosandile.zulu@media24.com noma bexhumane nentatheli ku 033 355 1329.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.