Kudingidwe olwamanzi e-Willow

2018-09-12 06:02
ISITHOMBE: sigciniweAmalunga omphakathi asebenzisa iloli lamanzi mihla namalanga.

ISITHOMBE: sigciniweAmalunga omphakathi asebenzisa iloli lamanzi mihla namalanga.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Ikhansela laseWilllowfontein uMnuz Thabiso Molefe selinxuse umphakathi wakule ndawo ukuthi usukume uzimele ekulweleni udaba lokungabinawo amanzi ngoba yena usezamile kodwa wehlulekile.

UMnuz Molefe uveze loku emhlanganweni womphakathi waKwaPhupha nobubanjelwe esikoleni samabanga aphansi iSilwanetshe Primary ngeSonto mhlaka-September 2.

Inhloso yalo mhlangano bekuzodingidwa izinkinga ezibheke nale ndawo ikakhulukazi udaba lwamanzi nosekuphele iminyaka emithathu lo mphakathi ungenawo kodwa uphila ngamaloli athwala amanzi.

Ikhansela lithe selizame laze lahluleka ukulwa udaba lwamanzi. Ube esenxusa umphakathi ukuba usukume nawo uzikhulumele uveze ukuthi ukungabikho kwamanzi sekuwuhlukumeze kanjani.

“Sekuyisikhathi manje sokuthi umphakathi kube iwona ozikhulumela nomkhandlu ngodaba lwenkinga yamanzi ngoba mina sengehlulekile. Ngiyazi akulula ukuvuma uma wehlulekile kodwa mina ngiyavuma ngikwenze konke okusemandleni kodwa akuzange kushintshe lutho.

“Ngiyibambile imihlangano eminingi nezikhulu zomkhandlu bangitshela ukuthi kunezininga ezikhona kodwa ayikho imizamo abaseke bayenza ukuba bazilungise lezo zinkinga. Indlela ekwenzeka ngayo kubukeka sengathi umasipala awuyishayi ndiva inkinga yokuthi lo mphakathi awunamanzi. Umasipala wafika wazohlola ukuthi kungabe yini into edala ukuthi singabi namanzi. Bazithola izinkinga kodwa ayikho into abayenza ukuzama ukuzilungisa.Akwamukelekile neze ukuthi singumphakathi sihlale isikhathi eside kangaka ngaphandle kwamanzi,” kubeka yena.

Uqhube wathi uhlela ukubiza ukhukhulela ngqoqo womhlagano ozobe uhlanganisa umphakathi wonke wase-Willowfontein ngoba akusiyona indawo yakaPhupha kuphela engenawo amanzi.

Uthe kulo mhlangano uzobe ebize iMeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo kanye nezinye izikhulu zakamasipala ezibhekelele ezamanzi ukuba beze bazophendula ngodaba lwamanzi ukuthi kungabe yini evimbe ukuthi umphakathi ungabi nawo amanzi.

“Kulo mhlangano sizobe singasafuni ukuzwa izincazelo zokuthi yini ebanga ukuthi amanzi angabi khona kodwa sizobe sesifuna ukuzwa ukuthi bathi basivulela nini amanzi.Sesiside kakhulu lesi sikhathi bazi ukuthi asinawo amanzi kumele ngabe sebazilungisa kudala izinkinga lezi abahleli besichazela zona ukuthi zidala ukuthi singabi nawo amanzi.

“Sesilinde kakhulu manje sesiphelelwe isineke sifuna basitshele ukuthi siwathola nini amanzi. Isiyangihlula manje lempi ukuyilwa ngedwa ingako sengidinga abantu abazongisiza siyilwe sonke. Asisebenzisaneni sonke manje ngoba uma singayilwi lento sizosalela emuva ngentuthuko.”

UMnu Molefe uphinde waxolisa emalungeni omphakathi ngokusheshe abize umhlangano ukuzobazisa ukuthi kwenzakala ngodaba lwamanzi. Uthe loku ubekwenza ngoba ubefuna ukuzinikeza isikhathi esanele sokulwa lolu daba kuze kufike lapho esethi uhluleke khona uma kungalungi.

Indawo yakaPhupha akusiyona kuphela ebhekene nenkinga yokungabi namanzi kodwa nendawo yaseBulwer nayo ibhekene nesihlava esifanayo. Amalunga omphakathi aveze ukuthi kwezinye izindawo abuye aphume isikhathi esincane aphinde avaleke nokwenza bazibuze ukuthi kungani ephuma kwezinye izindawo bona bangawatholi. Usuku lomhlangano lusazomenyezelwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.