Kudlwengulwe ingane yaphonswa ebhulohweni

2018-10-24 06:01

IKHANSELA lase-Ashdown uMnu Dumisani Phungula usekhiphe isexwayiso sokuba umphakathi uhambe uqaphele kule ndawo ngaso sonke isikhathi ngenxa yobugebengu obuqhubekayo.

Lokhu kulandela isigameko sokudlwengula ingane eneminyaka eli-15 ubudala yaqede yaphonswa ebhulohweni elingenela kuyona le ndawo.

Le ntombazanyana kuthiwa yathathwa abantu besilisa ababehamba ngemoto ngoMgqibelo mhla zili-13 kuMfumfu (October) ngesikhathi izihambela emgwaqeni babe sebeyihogelisa indwangu okusolwa eyayinezidakamizwa ukuze idakwe bese bahamba nayo. Kuthiwa babe sebezitika ngayo ngokocansi base beyibuyisa bayiphonsa ebhulohweni lakulendawo ngeSonto mhla zili-14 kuMfumfu (October) watholwa amalunga omphakathi.

UMnu Phungula utshele i-Echo ukuthi basashaqekile ngalesi senzo kanti futhi bakhathazekile ngendlela ubugebengu obuqhubeka ngayo kulendawo.

“Imibiko kadokotela iveza ukuthi le ngane yadlwengula abantu abayisithupha. Le ngane isihlukumezekile kanti futhi ayisenako ukuzethemba ngenxa yalezi zigila mkhuba.Lento abayenzile nje ubugebengu nokuba nonya ngoba akukhombisi ukuthi bebefuna ukuyibulala le ngane kodwa bebefuna ukuyinukubeza nje kuphela.

“Iyasikhathaza kakhulu lento ngoba ziningi izimoto zezigebengu ezibonakala zizulazula lapha emphakathini wethu zibamba abantu inkunzi, ziphuca abantu izimoto zingena ngisho emizini phakathi zintshontshe ngisho impahla ekhona phakathi. Into engifuna ukuyidlulisa nje emphakathi ukuthi kumele uziqaphele lezi zimoto uphinde ubike futhi uma kukhona okusolisayo abangakuboni kahle. Uma kungukuthi bayasaba ukubikela amaphoyisa ababikele izinhlangano ezikhona emphakathi kanye nathi amaphoyisa thina sizobe sesiya emaphoyisa,” kubeka yena.

Uqhube wathi okubakhathaza kakhulu nabafuna ukuthi umphakathi ukuqaphele ukuthi lezi zigilamkhuba azikho nje endaweni yase-Ashdown kuphela kodwa zikhona nasendaweni yase-Edendale kanti futhi zisebenzisa izimoto ezahlukene nokwenza ukuthi kube nzima ukuziqhaphela.

“Siyawunxusa umphakathi wethu ukuba sisenenzisane ukuze sizokwazi ukunqoba lobu bugebengu. Izigebengu azikufanele ukuhlala nabantu emphakathini.”

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko wathi bekungakaboshwa muntu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.