Kudutshulwe kwabulawa intombazane e-Ashdown

2018-11-21 06:01
ULindelwa Bowes odutshulwe wabulawa ngempelasonto.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

ULindelwa Bowes odutshulwe wabulawa ngempelasonto.ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wentombazane edutshulwe yabulawa ekhaya layo ngoLwesihlanu ebusuku mhla ziyi-9 kuLwezi (November) uthi namanje usashaqekile ngalesi sigameko.

ULindelwa Bowes (18) wase-Ashdown nobenza u-Grade 12 eSiyahlomula High School, ungenelwe abantu abangaziwa bamdubula bambulala ngesikhathi elele ekhaya lakhe. Isidumbu sikaLindelwa sitholwe ngumama wakhe sidindilize embhedeni ngoMgqibelo ekuseni sinenxeba lokudutshulwa esihlathini.

Ngokusho kuka-anti kaLindelwa, uNks Noma Bowes, uthe uLindelwa wagcina ukubonakala ngoLwesihlanu ngesikhathi eyolala egumbini lakhe.

“Umama wakhe wavuka ekuseni ngoMgqibelo umnyango wangaphandle endlini ugengelezile wazitshela ukuthi uvulwe wuLindelwa ngoba kade efuna ukuya endlini yangasese. Ngemuva kokubona ukuthi akekho endlini yangasese wabe esehamba emqalaza ezinkundleni zemidlalo lapho ayaye ahambe ayojima khona, kodwa wangamthola.

“Wabuya wahamba wayombheka egumbini ekade elele khona kodwa wamfica elele embhedeni wakhe eseshonile,” kubeka yena.

Unina kamufi uthe ababulali bagqekeza umnyango ukuze bangene kanti usola ukuthi kukhona into abayenza ukuze umsindo wesibhamu ungeke uzwakale.

“Ngangilele umnyango egumbini lami uvuliwe kodwa angizange ngizwe lutho ngesikhathi begqekeza umnyango nangesikhathi bedubula. Bangibulele kakhulu ngokubulala indodakazi yami ebeyizilungele kangaka ihleli izihlekela ngaso sonke isikhathi. ULindelwa ubenekusasa eliqhakazile kwazise ubenguzime, edlala ibhola lombhoxo edlalela ama-Sharks kanti futhi nesikole ubesithanda. Kuningi okuhle ebengisakubhekile enganeni yami kodwa manje angeke kusenzeka,” kubeka yena.

Lo mndeni uveze ukuthi ukubulalwa kukaLindelwa basola ukuthi kuhlangene necala lokudlwengula alivula ngenyanga kaMasingana (January ) kulo nyaka. Bathe ngokubona kwabo lena ngenye yezindlela zokuthi kucishwe ubufakazi.

“Into engiphatha kabi kakhulu ukuthi uma kungukuthi bebefuna ukuba kusulwe icala kungani-ke okungcono bengazange bangene bamthathe bamulethe kumina bemkhombe ngesibhamu bathi angisule icala kunokuthi baze bambulale. Bengizolisula icala kunokuba ngilahlekelwe yingane yami ngoba vele ubezama ukubhekana nale nto eyamehlela njengoba nasesikoleni kade esenza kahle,” kubeka unina wakhe.

Uqhube wathi seloku uLindelwa ehlelwa yilesi sigameko sokudlwengulwa impilo yakhe ibingasafani neyezinye izingane njengoba ubesengumuntu obesehleli ehleli endlini ezikhiyele ngoba esabela impilo yakhe. Uthe kwenzeka lesi sigameko nje uLindelwa kwakumele ahambe aye kobhalela izivivinyo zakhe ngaphandle kwalesi sifundazwe ngoba kusatshelwa ukuphepha kwakhe njengoba umsolwa okuthiwa nguyena owamdlwengula kade aziwa ukuthi uyingozi.

“Yonke into yase ilungile nomshushisi sasayina sathola nomuntu ayezohamba naye ngoba bebazi ukuthi akaphephile. Ngemuva kwalokho ngavele ngatshelwa ukuthi umshushisi obengamele leli cala usehambile usesebenzela endaweni yase-Port Edward nokuyilapho kwaphazamiseka khona ukuhamba kwakhe.

“Nami besengizitshelile ukuthi uma ngabe eqeda nje ukubhala izivivinyo zakhe ngiyamuhambisa ukuba aphume aphele kulesi sifundazwe ukuze ezophepha kodwa lokho akusenzekanga. Ngibuhlungu kakhulu ngiyathemba ukuthi umthetho uzokwazi ukudlala indima yawo manje,” kubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Dumisani Phungula uthe basashaqekile ngalesi sigameko kanti futhi bakhathazekile ngezinga lobugebengu eliqhubekayo kule ndawo.

“Emasontweni amabili adlule kunentombazane encane edlwengulwe yinqwaba yabafana bayiphonsa ebhulohweni manje sekwenzeka lokhu futhi. Sifuna amaphoyisa akhuphule amasokisi ukuqinisa ukuphepha kule ndawo. Sesihambile saya nasehhovisi lokuPhepha koMphakathi likaMnu Mxolisi Kaunda sayocela ukuba lolu daba balucubungule kahle. Sifuna ukuthi abenzi bobubi baboshwe ngoba umphakathi uhleli lubhojozi manje umuntu sekumele elokhu ehamba eqalaza emahlombe ukuthi ayikho yini imoto emulandelayo ngoba phela lezi zigebengu zicanasa ngezimoto.

“Okubuhlungu wukuthi bonke laba bantu abenza lokhu akusibona abakule ndawo kodwa basuka lapho behlala khona bazophendula indawo yethu indawo yokudlalela,” kubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko kodwa wathi bekungakakaboshwa muntu ngaso.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.