Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa KwaPata

2019-06-05 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUConstable Nqanawe Dlamini odutshulwe wabulawa.

ISITHOMBE: sithunyelweUConstable Nqanawe Dlamini odutshulwe wabulawa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA aphansi phezulu athungatha abadubule babulala iphoyisa laseMbali Unit 2 ngempelasonto.

UConstable Nqanawe Dlamini (25) utholwe ebulewe ngeSonto ekuseni endaweni yaKwaPata.

UConstable Dlamini ubesebenzela esiteshini samaphoyisa sase-Hilton.

Ngokuthola kwe-Echo uConstable Dlamini utholwe enamanxeba amabili okudutshulwa ekhanda. Isidumbu sakhe sitholwe ngaphandle kwemoto yakhe yohlobo lwe-Opel Corsa eceleni komgwaqo.

Kusolwa ukuthi imoto yakhe Ime ngemuva kokuba ishayisane nembokodo enkulu.

I-Echo ithole ukuthi uDlamini ubesenesikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha eqale ukusebenza njengephoyisa.

Kuthiwa ufike esiteshini samaphoyisa ase-Hilton ngenyanga kaZibandlela ngonyaka owedlula ephuma ekolishi lapho kade eqeqeshelwa khona ukuba iphoyisa. UDlamini ubulawa nje bekulindeleke ukuba ayongena emsebenzini ngesonto ekuseni.

Ukhomishana wamaphoyisa ezweni lonke usekhiphe isitatimende nalapho kade edlulisa amazwi enduduzo emndenini ngokudlula emhlabeni kukaDlamini.

“Isifundazwe saKwaZulu-Natal sesisungule uhlelo lwamahora angama-72 ukuba kuthungathwe abenze loku. Asihambisani nalesisenzo sokuthi kubulawe ngesihluku ilunga lamaphoyisa ebelingekho nasemsebenzini libulawa ngabantu abangaziwa,” kubeka yena.

Uthe useyalele isifundazwe saKwaZulu-Natal ukuba selule isandla seseke ngokugcwele umndeni olahlekelwe. Ube esenxenxa nalabo abaphenya lamacala ukuba benze isiqiniseko sokuthi bayathola ukuthi yini eholele ekubulaweni kukaConstable Dlamini.

Bekungakakaboshwa muntu amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.