Kudutshulwe umshayeli wetekisi eSigodini

2019-05-29 06:02

AKUKACACI namanje ukjuthi kungabe yini imbangela yokuba kudutshulwe umshayeli we tekisi waseSigodini .

UMnu Bhabha Zuma nobeshayela amatekisis ahambela kuyona le ndawo udutshulwe ngoMsombuluko ekuseni mhla zingama-20 kuNhlaba (May) ngesikhathi elungisela ukuya emsebenzini.

Ngokuthola kwe-Echo uMnu Zuma udutshulwe ngaphandle kwesango lakubo. Kuthiwa ubeqeda ukukhipha itekisi leli abelishayela ngaphandle kwesango ngesikhathi ehlaselwa abantu bemudubula ngentulwane yezinhlamvu. Ube esephuthunyiswa esibhedlela i-Edendale nokuyilapho efike washonela khona.

UMnu Zuma nobesesebenze isikhathi eside njengomshayeli wamatekisi ubeshayela amatekisi akaShange.

Umnikazi wetekisi uMnu Thula Shange uthe usashaqekile ilesi sigameko. Uthe akanalo ulwazi ukuthi kungabe yini eholele kuloku kudutshulwa.

“Anginaso isiqisiniseko sokuthi kungabe kwenzekeni ngoba bengingekho. Engikwaziyo ukuthi kutholakale amagobolondo ezinhlamvu ayisishiyagalolunye endaweni yesigameko,” kubeka yena.

UMnu Shange uthe angeke aze akwazi ukusho ukuthi kungabe lokhu kuhlangene yini nodlame embonini yezamatekisi.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSeargant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.