Kudutshulwe usomatekisi

2019-12-25 06:00

AMAPHOYISA athungatha abasolwa aban gahle babandakanyeke esigamekweni sokudutshulwa kubulawe usomatekisi emgwaqeni ngoLwesihlanu ntambama mhla zili-13 kuZibandlela (Decemeber).

Losomatekisi ebelingakatholakali igama lakhe udutshulwe ngezinhlamvu ezingama-26.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo osondelene nesigameko, usomatekisi ubehamba ngemoto yakhe yohlobo lweveni ngesikhathi ehlaselwa.

Amatekisi akhe amaningi abehambela endaweni yaseThekwini yize yena kade enomuzi eMgungundlovu.

Kuthiwa ubehamba eya endawemi yaseMbali eyobheka udadewabo njengoba kade belungisela umcimbi ozoba ngempelasonto lena esiya kuyona manje.

“Ngokuthola kwethu ngabantu abazibonela ngamehlo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, imoto lena emudubulile ibimulandela vele. Kuthe uma ngabe esezofika ngaserobhothini yabe isiyenza engathi iyadlula base beqala bevulela ngenhlamvu izikhathi eziningi njengoba edutshulwe amahlandla angama-26.

“Ngemuva kokuba le moto isidubulile ihambile yayojika yaphinda yabuya yazomubheka emotweni nesisola ukuthi bebe zohlola ukuthi kungabe ufile ngempela yini yabe isishaya iyachitha washonela khona lapho naye endaweni yesigameko,” kubeka wona.

Uqhube wathi nakuba bekungakacaci ukuthi ubani obulale losomatekisi, kodwa kunesiqiniseko sokuthi kunokwenza nombango wamatekisi.

“[Embonini] yamatekisi vele kuhleli kunemibango. Bekukhona vele ukungazwani kodwa besingazitsheli ukuthi lento ingagcina isifike ekutheni kuchitheke igazi.

“Sibuhlungu kakhulu ngoba lomuntu uyena obodla ekhaya ngalomsebenzi wakhe wokuba namatekisi manje njengoba sebemdubulile kuthiwa umndeni wakhe awudleni. Sebengaze bamubulale ngesihluku esingaka pho?

“Ngesikhathi ngifika endaweni yesigameko uhlangothi lonke lwakhe lwangakwesokudla belungekho ludlavazekile bekungathi ubedutshulwe ngezibhamu ezinkulu. Ubuchopho bakhe bebugcwele phansi emotweni. Asikaze siyibone into enje,”kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu u-Sergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile isigameko.

“Ngesikhathi kwenzeka isigameko kube sekudubuleke abantu ababili kulesi sigameko, omunye ulimele omunye ushonile. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Bekungakaboshwa muntu,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.