Kufezeke iphupho ethola uxhaso

2019-01-30 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweThokozani Gumede.

ISITHOMBE: sithunyelweThokozani Gumede.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LIGCINE lifezekile iphupho lomfundi obefuna ukuyoqhuba izifundo zakhe enyuvesi njengoba imboni yezamatekisi imilekelele ngemali yokubhalisa eNyuvesi.

UMnuz Thokozani Gumede waseKhobongwaneni e-Taylors Halt obenza umatikuletsheni wakhe esikole samabanga aphakeme iMvunulo Secondary School kodwa engenayo imali yokubhalisa ngenxa yesimo aphuma kuso ekhaya. UMnuz Gumede uyokwenza izifundo zobuthishela eNyuvesi yaseGoli.

Ngokuthola kwe-Echo uMnuz Gumede usizwe kakhulu uthisha wakhe uNkk Nani nobeloku emcelela imnikelo ukuze ezokwazi ukuqhubeka nezifundo zakhe.

Unina wakhe uNkk Zandile Gumede uthe indodana yakhe ibidinga imali engu-R6 400 ukuze abhalise enyuvesi kodwa ubengazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ngoba akanalutho kantu futhi akekho osebenzayo ekhaya.

“Ngijabulile kakhulu ukuthi indodana yami nayo isizokwazi ukuthi ihambe iyofunda enyuvesi. Okungijabulisa kakhulu ukuthi uyena ingane yokuqala ekhaya ezokwazi ukuthi ihambe iyofunda enyuvesi ngoba bonke abanye abakwazanga ukuthi baqhubeke nemfundo ngemuva kokuphothula umatikuletsheni ngoba izimali bezingekho.

“Ngithanda ukubonga kakhulu kubona bonke abathe balula isandla ikakhulukazi uthisha wakhe nobekunguyena obewa evuka ukwenza isiqiniseko sokuthi isifiso sendodana yami kanye nami sokuya enyuvesi siyafezeka,” kubeka yena.

UMnuz Bhekani Nzimande wa­KwaMafunze Taxi Association uthe ujabulile ukuthi ukwazile ukwelula isandla lapho engakwazi khona.

“Mina ngathintwa uthisha wakhe engitshela ukuthi badinga usizo ukuze ezokwazi ukubhalisa enyuvesi. Wangitshela ukuthi ikhona imali eseyikhona asebezame ukuyihlanganisa kodwa iyashoda ngabe sengigcwalisela ke nami. Ngifuna ukuthi abantu bazi ukuthi nathi njengoba sisembonini yezamatekisi singabazali kanti futhi siyazikhathalela izingane kanye nekusasa lazo,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.